IMeya isola owayehola iqembu ngokubhidliza i-DA

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UChristopher Pappas oyimeya ye-DA KwaZulu-Natal usole umakadebona weqembu uTony Leon ngokuphuma kwabaholi abamnyama kuleli qembu.

Ekhuluma kwi-Affirmation Podcast, uPappas uthe ukuphawula kukamakadebona weqembu uLeon yikho okudale ukuthi abaholi abasebasha bashiye iqembu.

Ubalule incwadi kaLeon yanyakenye ethi-Future Tense lapho uLeon achaza khona lowo owayengumholi weqembu eliphikisayo uMmusi Maimane “njengesivivinyo.”

ULeon uke wasolwa nangokuhlela itulo mayelana neMeya ye-DA kaMasipala waseGoli, uDkt Mpho Phalatse ukuthi asuswe esikhundleni sobumeya.

UPappas osanda kugubha ukuhlolwa kwamabhuku ezimali kuMasipala waseMngeni usehlomule njengomholi wesifunda ohlonishwayo.

“Angifuni ukubalekela ukungaziphathi kahle kukaTony Leon. Wenza konke okusemandleni akhe ukucekela phansi i-DA ngoba akasaliholi leli qembu. Isikhathi sakhe sesidlulile,” kusho uPappas.

“Yingakho ebhidliza iqembu ngokudicilela phansi abaholi abamnyama eqenjini. Akwamukelekile neze lokhu,” kusho uPappas.

UPappas uthe abantu abafana noLeon kumele baziqhelelanise nezindaba ze-DA uma bengenakho okuhle abangakunikeza iqembu.

Leli qembu lilahlekelwe abaholi abafana noMaimane, uHerman Mashaba, uZwakele Mncwango, uPatricia Kopane, uJohn Moody, uMbali Ntuli, uMakashule Gana, uBongani Baloyi nabanye abaningi. Iningi lalaba baholi lisole ukungaphathwa kahle elikuthole eqenjini ngokuphuma kwabo.

Esithombeni esingenhla: IMeya uChristopher Pappas

Umthombo wesithombe: @MagubaneSL

Izihloko zakamuva