Imeya ikhonjwa ngenjumbane ngokudutshulwa kwenkulisa

Arthur Greene

Isigameko sangoLwesibili sokudubula esikoleni nesibulale izingane ezingu-19 nothisha ababili – sithathwa njengesibi kunazo zonke eMelika kusukela ngo-2012 – kanti lokho sekuqubule  inkulumo-mpikiswano eshubile ezweni mayelana nokulawulwa kwezibhamu.

Esithangamini nabezindaba ebesibanjwe ngoLwesithathu ngemuva kwalesi sigameko, iMeya yase-Texas uGreg Abbott iphazanyiswe uzakwabo wezepolitiki, uBeto O’Rourke kwancane indawo.

Ngemuva kokuthi u-Abbott athi lesi sibhicongo sidalwe yizinkinga zempilo yengqondo emphakathini, oyi-Democrat ubebanga isihlalo sokuba yimeya uvuke ngolaka, wama phambi kwezithameli wathi kuye “Kukuwe.”

U-O’Rourke utshele u-Abbott ngepolitiki yakhe yokuqhunyiswa kwezibhamu, ethi ukuphikisa kwakhe kanye nabanye osopolitiki ekulawuleni izibhamu yikho okuholela ekudutshulweni kwabantu abaningi, hhayi impilo ebuthaka yengqondo yemiphakathi.

“Lokhu kungabikezelwa ngokuphelele uma ukhetha ukungenzi lutho,” kuzwakala u-O’Rourke esho ngesikhathi iMeya yase-Uvalde uDon McLaughlin imbiza ngokuthi “uyindoda ehlanyayo.”

NgoLwesibili ekuseni, uSalvador Ramos (18) ushayele ngesivinini futhi ngobudedengu waya esikoleni e-Robb Elementary School, wafaka imoto yakhe emgodini.

Ehlome ngezibhamu, uRamos uqale ukudubula abantu ababeseduze abeze kuye bezomsiza.

Ividiyo ethwetshulwe isibukeli ikhombisa uRamos egijima engena ebhilidini lesikole ngomnyango oseceleni.

Ube esezivalela ekilasini lebanga lesine, walungiselela ukudubulana namaphoyisa.

Wabe eseqhubeka ngokudubula izingane nothisha abebevaleleke naye ekilasini. Izidumbu zazo zonke izisulu ezingu-21 zitholwe kulelo klasi.

Phakathi kwezisulu kukhona u-Amerie Jo Garza (10), odutshulwe wabulawa nguRamos ngesikhathi ezama ukushayela u-911 ucingo ecela usizo.

U-Amerie ubengumfundi odumile ochithe isikhathi sakhe sasekuseni ebungaza ukuqokwa kwakhe ohlwini lwabahlonishwayo, kusho umndeni wakhe utshela i-Daily Beast.

Lesi sibhicongo size saphela ngemuva kwehora uRamos engene esikoleni, ngesikhathi amaphoyisa egqekeza ikilasi emdubula ekhanda, washona.

Umthombo wevidiyo: @therecount

Umthombo wesithombe: @NoLieWithBTC

Izihloko zakamuva