IMeya ikhala ngeqhingasu lokudla umhlaba ngokunqanyulwa kwamanzi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zase-Mamelodi, e-Tshwane zikhungathekile ngenxa yokunqanyulwa kwamanzi okweluliwe kule ndawo futhi zifuna isixazululo esizohlala unomphela.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule izingxenye zelokishi ziphoqeleke ukuthi zihlale amasonto elandelana zingenamanzi ngenxa yokuvuza noma ukuqhuma kwamapayipi amanzi.

IMeya yase-Tshwane uCilliers Brink usole ukuncishiswa kwenani lamanzi njenge ndlela yokudla umhlaba. 

“Kukhona ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho yilabo abasemijondolo eyakhiwe eduze kwamadamu aphakela ilokishi. Lokhu sekwenze kwaba nzima  ukuxazulula inkinga yamanzi ezingxenyeni ezithile zaseMamelodi.

“Ngebhadi kumele sinqamule amanzi axhunywe ngokungemthetho. Sinomthwalo wokwakha inhlokodolobha esebenzela abantu bakhona bonke,” esho.

Isakhamuzi uMaria Skhosana uthe kuke kwaba nokuphazamiseka kwamanzi kule ndawo kusukela ngoZibandlela.

“Siqale sabikelwa ikhansela lewadi lesi-16 uSeabelo Marishane ukuthi kunepayipi eliqhumile eduze kwedamu kanti ochwepheshe bakamasipala bebelokhu belihlola.

“Inkinga yaqhubeka … ngisho sesitshelwa ukuthi ipayipi selilungisiwe. Emasontweni edlule siqede izinsuku eziyishumi singenamanzi,” esho.

Yize umasipala uthumele amaloli amanzi endaweni, izakhamizi azigculisekile ngokuhlinzekwa kwamanzi.

UTsakani Maswanganyi uthe amanzi ahlinzekwa ngamaloli awanele.

“Iloli liza kanye kuphela ngosuku. Usuke unenhlahla uma ugcwalisa izigubhu ezintathu ezingamalitha angu-20 ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu abaswele amanzi.

“Lo hulumeni akasithatheli phezulu kodwa siyazikhokhela izinsiza,” esho. “Sihlezi sitshelwa ngamanzi aphansi edamini namapayipi aqhumile. Kuthatha isikhathi esingakanani ukulungisa ipayipi?”

Esithombeni esingenhla: Ipayipi lamanzi eliqhumile e-Mamelodi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva