IMeya icele uxolo emphakathini

Elmon Tshikhudo

Ngemuva kokuzithola iphambana nomthetho, imeya yase-Musina uGodfrey Nkhanedzeni Mawela isephendukele eBhayibhelini ukuze liyikhiphe obishini.

“Khohlwa izinto zangaphambilini, ungagxili ezintweni ezidlule,” ucaphune u-Isaya 43:18 ngesikhathi ecela abantu bakubo e-Musina ukuthi bamxolele ngokushaya umuntu eshibhini phakathi kwamabili.

“Isikhathi esidlule” akhuluma ngaso singaphezudlwana kwesonto eledlule.

Imeya eneminyaka engu-39 ubudala ibe sematheni ngemuva kokuhilizisana nendoda eneminyaka engu-29 ubudala endaweni yokucima ukoma endaweni yase-Muswodi ngaphandle kwase-Musina.

UMawela ube eseboshwa wanikezwa ibheyili ka-R3 000 ngalobo busuku.

Ngemuva kwalesi sigameko abebemgxeka bebemfuna phansi benxusa ukuthi akahoxe eceleni adedele isikhundla sakhe kuze kuphothulwa icala lakhe lobugebengu.

Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu athe imeya ayibahloniphi kanye isikhundla sayo, futhi kumele ixolise.

NgoMsombuluko imeya ivumelene nengcindezi yomphakathi yabe isixolisa esidlangalaleni kubahlali base-Musina.

Enkulumeni yakhe emfushane uMawela uchaze isigameko sangesonto eledlule njengesingesihle kanti ngesikhathi esifanayo uye wacaphuna eBhayibhelini ukukhuthaza abahlali base-Musina ukuthi bamxolele.

Kodwa akubona bonke abahlali abasemoyeni wokuxolela.

Lokhu kuxolisa kwakhe kuchazwe ngabanye abahlali njengesenzo esingasuki ekujuleni kwenhliziyo esenziwa mayelana nokuzama ukugcina umsebenzi wakhe kunokuxolisa.

“Asiyihlabe umxhwele nakancane into eshiwo yilo mfana,” kusho umhlali.

“Uyisakhamuzi sokuqala sase-Musina futhi kufanele ahole ngesibonelo. Uyimeya enjani ehamba eshaya abantu emashibhini? Uyihlazo futhi kufanele aphume esihlalweni sakhe. Ukulungele ukuba umshayisibhakela, hhayi imeya”.

Khonamanjalo i-ANC e-Vhembe nase-Limpopo ayikamthatheli izinyathelo uMawela bathi iKomidi leZokuhlalisana leqembu elibusayo liphezu kwalolu daba futhi kuzothathwa izinyathelo ezifanele ngokuhamba kwesikhathi.

UMawela akamusha ezingxabanweni. Ngo-2019 waphoqeleka ukuthi ashiye phansi isikhundla sokuba yikhansela ngokugcwele.

Ubandakanyeka ku-R300 million uMasipala Wesifunda sase-Vhembe awutshale ebhange le-VBS elingasekho.

Uthole indlela yokubuyela esikhundleni sobuholi ngesikhathi i-ANC imkhetha njengemeya ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021.

Izihloko zakamuva