IMeya ibophe elikasofasilahlane

Lubhalwe nguKamogelo Olaitan

IMeya ye-DA eGoli uMpho Phalatse ubophe ifindo likasofa silahlane nozakwabo kwezepolitiki uBrutus Malada we-ActionSA emshadweni obungeSonto ekuseni.

Labo sopolitiki babe nomcimbi wangasese obuhanjelwe amalungu ambalwa omndeni nabasondelene nabo.

Esithombeni esifakwe ezinkundleni zokuxhumana nemiyalezo yokuhalalisa, uPhalatse noMalada babonakale bebambene ngezandla phambi komfundisi endaweni ebukeka sengathi ingaphakathi ebandleni.

Laba ababili abebemamatheka baphinde bathwetshulwa ngaphandle kwebandla behla ezitebhisini bebambene ngezandla futhi bethokomele. Umkhwenyana ubegqoke isudi ensundu kashokoledi ngesikhathi uPhalatse enyakazisa ingubo ekhilimu egcina emadolweni nezicathilo eziphakeme zombala wegolide.

UPhalatse ungumama wezingane ezintathu aphinde abe udokotela.

UMalada ungumbhali, umhlaziyi wezepolitiki futhi usanda kujoyina i-ActionSA. Ubelokhu efaka izithombe namavidiyo akhe ekhankasa futhi enxenxa abantu ukuthi bavotele iqembu likaHerman Mashaba i-ActionSA egqoke umfaniswani waleli qembu.

Uthole iziqu ze-Bachelor of Arts eNyuvesi yase-Venda kanti phambilini ubesebenza njengombhali onguchwepheshe kanye nomeluleki wezokuxhumana kumphathi weNyuvesi yase-Western Cape.

Akukacaci ukuthi sithini isikhundla sakhe kwi-ActionSA.

Abasesithombeni esingenhla: UMpho Phalatse noBrutus Malada

Umthombo wesithombe:@ Rabelani_Dagada

Izihloko zakamuva