Imeya esencane kunabo bonke eMzansi iyaqhubeka nokwenza kahle

Lungani Zungu

Kwaba nemibuzo eminingi ngesikhathi uBongani Baloyi eqokwa njengemeya esencane kunabo bonke ezweni eneminyaka engama-26 kuphela ngowezi-2013.

Kodwa selokhu iMeya ye-DA esencane yathatha izintambo kuMasipala wase-Midvaal eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule, lo masipala ubungomunye wabenze kahle kakhulu e-Gauteng, ethola izindondo eziningi zokuphatha ngendlela ehlanzekile, okubalwa kuzo nendondo ye-Golden Arrow ngokudala amathuba emisebenzi nokulwa nobugebengu.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uBaloyi ukhulume ngesifiso sakhe esivuthayo sokufukula abampofu ekuhluphekeni.

Ukukhula kwakhe eThokoza, e-Ekurhuleni, uBaloyi wayezibonela ngawakhe ubuphofu okwamholela ekutheni azibophezele ekushintsheni isimo sabantu abahluphekayo.

“Kungizwisa ubuhlungu ukubona abantu behlupheka ekubeni osopolitiki bephila ngokunethezeka. Ngazibophezela ukuthi ngikushintshe lokho,” kusho yena.

“Angiyibekezeleli inkohlakalo noma ukukhetha iphela emasini. Abasebenzi bami bayazi ukuthi wonke umuntu osebenzela umasipala kumele abe khona ngokufanele.”

UBaloyi manje oneminyaka engama-34 ubudala, uthe wayezama njalo ukuhola phambili ngokuba isibonelo.

“Uma njengemeya ngikhohlakele, lokhu kuvulela abantu abaningi inkohlakalo kumasipala.”

Eminyakeni eyisishiyagalombili uBaloyi eyiMeya, umasipala uthole ucwaningo oluyisikhombisa oluhlanzekile oluvela ehhovisi lomcwaningi mabhuku jikelele.

Lokhu kusho ukuthi sekuphele iminyaka eyisikhombisa, ihhovisi likamasipala lingenazo izitatimende zezimali ezingajwayelekile futhi alizange lehluleke ukuhambisana nanoma yisiphi isishayamthetho sikazwelonke.

UBaloyi umemezele ukuthi ngeke alumele elinye ihlandla lokuba yiMeya okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya mhla zingama-27 kuMfumfu – isinqumo okungangabazeki ukuthi sizoba yinkinga enkulu kubahlali base-Midvaal.

Akaphawulanga ngezinhlelo zakhe zekusasa kodwa i-Scrolla.Africa ithole emithonjeni eminingi ye-DA ukuthi uBaloyi ubheke isikhundla esiphezulu eqenjini.

Ngesikhathi esaphethe, umasipala wase-Midvaal wasuka ekubeni ngumasipala owenza kahle endaweni ye-16 ngowezi-2013 waya endaweni yesihlanu ngokuhamba phambili ngowezi-2021.

“Uma abantu besivotela babeka umthwalo omkhulu kithi wokushintsha izimpilo zabo. Kodwa ezikhathini eziningi osopolitiki baba nomhobholo bazicabangela bona kuphela,” kusho uBaloyi.

Izihloko zakamuva