Imeya esanda kuqokwa yaseGoli ithi angeke ijabule ingakaqokwa ngokuphelele

Lungani Zungu

UMpho Moerane ulindele eceleni ukuba athathe isikhundla sokuba imeya yaseGoli ngemuva kokuba i-ANC yaseGoli ixhumane naye yamtshela ukuthi uzongena esikhundleni sikaJolidee Mtonga, oshone engozini yemoto ngesonto eledlule.

UMoerane, oweseka kakhulu uMengameli uCyril Ramaphosa, uthe uzolinda kuze kube umkhandlu uyamqoka ngaphambi kokuba ajabule kakhulu.

Wayengomunye wabathathu abahlala kwinhlolokhono eyayibanjwe ubuholi beqembu le-ANC jikelele ngemuva kokuba baqoke uMatonga ongasekho ukuba abe yimeya yaseGoli.

UMatonga uthathe isikhundla kuGeoff Makhubo owashona ngemuva kokutheleleka nge-Covid-19 ngoNtulikazi. 

Ukugwema ukuqhudelana kubangwa lesi sikhundla, i-ANC ayizange ibambe inhlolokhono futhi, kodwa ibuke ukuziphatha nokuzimisela kwinhlolokhona edlule. Bathatha isinqumo sokuqoka uMoerane.

Kodwa lokhu kudine amanye amalungu eqembu.

UKatlego Mokoena weqembu le-ANC eGoli uthe: “Siyathemba ukuthi iqembu lizoba nenhlolokhono futhi ukuze bathathe isinqumo okuyisona sokuqoka umuntu ofanelekile.”

UMoerane ubekhula kule miyaka eyedlule, kwiqembu kanye nakuhulumeni.

Okwamanje ukumkhandlu womasipala nokwakhiwa kwezindlu zikahulumeni eGoli.

UMoerane uzobamba isikhundla sokuba imeya kuze kube mhla zi-1 kuLwezi ngesikhathi isizwe sizobe sivotela ohulumeni bendawo. Kuzobe kuwukuphela kwesikhathi sikahulumeni, eminyakeni eyisihlanu ngemuva konyaka wezi-2016 kubambe uhulumeni.

Njengoba amaqembu afana ne-EFF, i-DA kanye ne-Harman Mashaba Action SA bekhankasa kakhulu eGoli, akukaqiniseki ukuthi i-ANC izothola amavoti anele yini.

Lapha kubhekwe imali eyizigidigidi ezi-73,3 zamarandi, okwenza umasipala waseGoli kube nguwo ocebile esizweni sonke.

Iqembu le-ANC eGoli liqinisekisile ngokugcotshwa kukaMoerane ngoLwesibili.

Okusele ukuhlala phansi komkhandlu ngaphambi kokuba athathe izintambo zokuba imeya.

“Ngizokwenza konke okusemandleni ami uma ngiqokwa futhi ngizohlonipha uMatongo ngokusiza abantu eGoli,” kusho uMoerane.

Izihloko zakamuva