Celani Sikhakhane
Imeya esanda kuqokwa kumasipala wasoKhahlamba inqabile ukwamukela izimoto zikamasipala ngemuva kokubona ukuthi azikho esimweni sokuba semgwaqeni.
UVikizitha Mlotshwa usekhethe ukusebenzisa imoto yakhe yangasese kuze kube unikezwa imoto entsha.
Izimoto zimbili, i-Toyota Fortuner yemeya nesekela lakhe kanye ne-Jeep Grand Cherokee limited edition kasomlomo.
UMlotshwa uyalele ukuthi izimoto zibuyiselwe lapho kupaka khona izimoto baze banikezwe izimoto ezintsha.
Lezi zimoto bezisetshenziswa ngowayeyimeya, iphini lakhe nosomlomo ongabuyanga kulesi sikhathi esisha sokuphatha.
“Bheka lezi zimoto zindala futhi azikho esimweni sokuba semgwaqeni, lezi zimoto sezihambe amakhilomitha angaphezu kwayizi-250 000 zihamba namathayi agugile, empeleni ngamabhokisi omngcwabo ahamba ngamasondo lawa,” kusho uMlotshwa.
UMlotshwa ufungiswe njengemeya entsha yasoKhahlamba ngoLwesibili.
Wasungula iqembu lakhe i-Apemo ngoNhlaba ngesikhathi esengumholi wekhokhasi ye-NFP kwisishayamthetho saKwaZulu-Natali.
Ube esesula ngoNcwaba ezokhankasela ukhetho lohulumeni bendawo.
Iqembu lakhe likwazile ukuthola izihlalo eziyisithupha, i-ANC yathola eziyisishiyagalombili kwathi i-IFP yathola eziyisishiyagalolunye kumasipala.