Imeya entsha yaseGoli nohlelo lokuboleka u-R2 billion

Lubhalwe nguZukile Majova

UAbubakar Thapelo Amad oyindoda ephethe isabelomali sika-R77.3 billion kuMasipala waseGoli ngo-1% wamavoti manje usefuna ukuboleka imali engu-R2 billion.

Umholi we-Al Jama-ah eGoli wakhankasela lesi sikhundla ngaphambi kokhetho lwangoLwezi ngo-2021. Kodwa umkhankaso wakhe wenqatshwa ngo-99% wabavoti baseGoli okwaholela ekutheni iqembu lakhe lithole izihlalo ezintathu kuphela emkhandlwini onezihlalo ezingu-270.

NgoMsombuluko kungakapheli ngisho ihora efungiswe njengemeya kamasipala  kuleli, u-Amad uthe uhlelo lokuqala lwebhizinisi ukuthola imali ebolekiwe engu-R2 billion.

IMeya ye-DA exoshiwe uMpho Phalatse ube ngowokuqala ukwethula isicelo sokubolekwa kuka-R2 billion kodwa sachithwa umkhandlu kabili.

U-Amad uthe: “Imali ebolekwayo engu-R2 billion … nakanjani sizoyigunyaza. Lapho esikhona njengamanje sinamandla okugunyaza leyo mali ebolekwayo ngokwezinombolo.”

Kulindeleke ukuthi u-Amad othathwa ” njengemeya” i-IFP abambe izintambo kulesi sikhundla izinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha.

Echaza ngezinhlelo zakhe ngoMsombuluko uthe uhlela ukuvala izikhala eziningi  zabaphathi abaphezulu  kuMasipala.

Sekuphele iminyaka emithathu leli dolobha lisebenza ngaphandle komphathi kamasipala. “Siphakamisa ukuthi kuvalwe izikhala mayelana nokuthuthukisa ihhovisi lomphathi kanye nehhovisi le-CFO.”

Phambilini utshele i-Newzroom Afrika ukuthi into ebaluleke kakhulu kuyena ukuvala imigodi kuleli dolobha. Lokhu kuqhela kakhulu ohlelweni lwakamuva likamasipala lokuthola u-R401 million ozosiza ukuthi ugweme ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithathu.

UPhalatse uthe uhlelo olugunyazwe i-City Power luzoqala ngomjovo ka-R20 million ukuze “kuphinde kuqashwe iziteshi ezimbili ezikhona ezisebenza ngokuvula igesi. Lokhu kuzodinga ukuthi umasipala uthenge futhi wehlise udizili. Kumanje sihleli no-1.2 million wamalitha kadizili kuleli dolobha. Lokhu  kunganezela u-74 MW kwinethiwekhi uma kudingeka.

Ngo-R85 million singenza uhlelo lokudlulisa izintambo kanti i-City Power izokwazi ukulawula imikhiqizo esetshenziselwa amandla aphezulu njengamagiza, izinjini zedamu lokubhukuda nokunye. Lokhu kuzokonga u-80 MW uma kudingeka.”

I-Johannesburg City Power ithe yalahlekelwa imali engaphezu kuka-R200 million nyakenye ukulungisa iziteshi ezincane ezingu-390 ezacekelwa phansi ngesikhathi kucishwa ugesi.

Izihloko zakamuva