Everson Luhanga
Udokotela uMpho Phalatse ungowesifazane ogxile emsebenzini wakhe.
Umsebenzi wakhe ugqugquzelwa ulwazi lwakhe njengomsebenzi wezempilo emigwaqeni ephakathi nendawo yase-Tembisa nase-Alexandra.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa, udokotela uPhalatse uthe ulwazi kule miphakathi ikakhulukazi yase-Alexandra, lumenze wangena kwezepolitiki.
“Njengomsebenzi wezempilo, ngakhetha ukusebenza endaweni yabalimele,” kusho yena.
“Ngelapha iziguli ezihlaselwe, ezilimele nezihlukunyezwa imigilamkhuba.”
Umsebenzi wokugcina waba ngesikhathi elapha iziguli ezinhlanu ezazidutshulwe ezindaweni ezahlukene zobugebengu.
“La madoda aye opha igazi kakhulu egcwele amanxeba ezinhlamvu futhi ayefuna usizo emtholampilo wendawo engangisebenza kuyo i-Alexandra Masakhane.
“Bengingeke ngisakwazi ukubekezelela lokhu.
“Ngangihlezi ngikhala ngibona abantu bedlula ezimweni ezimbi nezibuhlungu kangaka. Ngasala nezinqumo ezimbili okwakumele ngikhethe kuzo: ukuyeka noma ngenze okuthile ngalokhu,” kusho yena.
Uthe umngani wakhe wameluleka ngokuthi abe ikhansela ukuze ezoba nesandla ekusindiseni izimpilo zabantu ezingeni lomphakathi. Wasithatha leso seluleko futhi waba ikhansela lasephalamende le-Democratic Alliance. Kusukela lapho akakaze abheke emuva.
Emasontweni amabili edlule wamangaza inkundla yezepolitiki ngesikhathi eba imeya yokuqala yedolobha elikhulukazi laseNingizimu Afrika engowesifazane.
Kodwa nangaphambi kokuba abhekane nezinselelo ezinkulu iGoli elibhekana nazo nsuku zonke, kufanele abhekane neqiniso lokuthi idolobha seliphenduke isizinda segagasi lesine le-Covid elihlasele izwe.
Ujoyine umkhankaso wokugasela ngoLwesihlanu namaphoyisa e-JMPD lapho ashaqeka khona ebona izindawo zokuzijabulisa zigcwele abantu abaningi kungenandawo yokungena umoya, kungahlolwa muntu futhi kungagqokwe ngisho izifonyo abantu abakade bekhona.
UPhalatse uhambe nombono we-DA wokuthi abahambisani nokugonywa okuyimpoqo okuyisimo esingase sixabanise yena neqembu lakhe nochwepheshe abaningi bezempilo kanye noMengameli uCyril Ramaphosa oveze ukuthi kungase kube nokugoma okuyimpoqo.
UPhalatse uthe i-DA iqhuba umkhankaso wokufundisa ukuze abantu bazi ngokubaluleka kokugonywa. Kodwa kufanele bazikhethele bona futhi bangaphoqwa ukuthi bathole umjovo.
“Idolobha lizokwenza isiqiniseko sokuthi kunezindawo lapho izakhamuzi zithola khona umjovo kalula.”
UPhalatse ukhulume ngenkinga enkulu yobugebengu eGoli futhi wavuma ukuthi amaphoyisa aseNingizimu Afrika awanawo amandla anele.
“Umbono wami ukuhlanganisa amaphoyisa kamasipala namaphoyisa e-SAPS nezokuphepha ezizimele ukuze kuliwe nesihlava sobugebengu edolobheni.”
Akabheki nje ubugebengu obunodlame kuphela, kodwa ugxile odabeni lokuhlinzekwa kukagesi edolobheni, njengoba ethi abahlali kumele bawukhokhele ugesi.
Uthe kuzoba nophiko oluyisipesheli nomnyango wamaphoyisa kamasipala waseGoli oluzobhekana nazo zonke izinyoka nyoka ezixhunyiwe ezenza ukuthi idolobha kanye nezwe lilahlekelwe izigidi zamarandi ngokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.
Uthe izingxoxo zokusebenzisana nezinye izinhlaka zisaqhubeka kanti unethemba lokuthi kuzofinyelelwa esivumelwaneni ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
Lo mama wezingane ezintathu uwuhlekile umbuzo obumayelana nempilo yakhe, wathi ubungekho ezinhlelweni zakhe.
“Kumele silungise idolobha kuqala futhi senze isiqiniseko sokuthi abantu bakuleli dolobha bayabhekelelwa. Kuze kube yileso sikhathi, asingakhulumi ngobudlelwano nemishado.”