Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMnuz Cyril Xaba osanda kukhethwa njengeMeya yeTheku, ufuna izimpendulo kumasipala ngokuhluleka kwawo ukuhlinzeka ngamanzi ezindaweni eziningi zeTheku ezakhahlanyezwa yizikhukhula zangoMbasa ka-2022.
Ngesikhathi evakashele elokishini laseNanda ngeSonto, izakhamizi ebezithukuthele zigane unwabu zimtshele ukuthi sekuphele amasonto nezinyanga zingawatholi amanzi.
UXaba uye kuWadi 56 endaweni yaseNanda Newtown A naseNgoqokazi ukuze aqonde izinselelo zomphakathi zamanzi.
Izakhamizi zasezindaweni ezifana noNgoqokazi nase-Amatikwe zikhala ngokushoda kwamanzi, izikweletu eziphakeme zikamasipala, nokungatholakali kwamanzi.
Eminye imizi isebenzisa amathangi amanzi sekuze kwaphela iminyaka eyishumi.
“Ngifike kule ndawo ngemuva kokuthintwa ngocingo yikhansela lendawo likhala ngezingqinamba eziqhubekayo zamanzi,” kusho uXaba.
“Njengoba ngizibonele ngawami izinselelo ezikhona, manje ngisesimweni esingcono sokuqonda usizi lomphakathi.”
Uthe manje usezokwazi ukuthola izimpendulo ezifanele kubaphathi mayelana nezinselelo zamanzi nokuthi bahlela ukuzixazulula nini.
Yize uthole izigidigidi zamarandi ukuze kulungiswe izinkinga, uMasipala iTheku lisabhekene nengwadla yokulimala kwengqalasizinda kusukela kwizikhukhula zikaMbasa ka-2022, okubalwa amanzi, imigwaqo nogesi.
Esithombeni esingenhla: Imeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba uvakashele imiphakathi eyahlukene yaseNanda ukuyozitholela mathupha mayelana nokushoda kwamanzi.
Umthombo: Sithunyelwe