Imenenja yedolobha laseKurhuleni ilwela ukukhokhelwa ngemuva kokuphoqwa ukuthi ithathe ikhefu ngaphambi kwesikhathi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umkhandlu waseKurhuleni ubeke uDkt Mashazi ekhefini futhi useyoze athathe umhlalaphansi, okunqamula iminyaka emibili enkontilekeni yakhe.

Uthi ukhishwa ngokungafanele futhi usola ukugxambukela kwezepolitiki ngokumsusa.

Imenenja yedolobha laseKurhuleni uDkt Emogen Mashazi wenqaba ukuhamba buthule ngemuva kokuba umkhandlu umnike ikhefu kusukela ngomhlaka-1 kuNhlangulana kuya kumhlaka-1 kuNcwaba, lapho esethatha umhlalaphansi.

UMashazi uthi lesi sinqumo sinciphisa inkontileka yakhe yeminyaka emihlanu ngeminyaka emibili, okusho ukuthi uzolahlekelwa yiholo lakhe kanye nokumele akuhlomule. Ufuna ukuthi iDolobha limkhokhele kuze kuphele inkontileka yakhe ngo-2027.

NgoLwesithathu, iMeya uNkosindiphile Xhakaza imthumelele incwadi eqinisekisa isinqumo esithathwe emhlanganweni womkhandlu ngomhlaka-29 kuNhlaba. Lesi siphakamiso sethulwe ngamalungu e-Democratic Alliance samukelwa umkhandlu.

Encwadini eputshuziwe, iMeya ithe uMashazi uzonikezwa ikhefu ngaphansi koMthethonqubo 41 (1) bese ephuma ngomhlaka-1 kuNcwaba.

Ekhuluma neScrollla.Africa, uMashazi uthe inhliziyo yakhe ibuhlungu ngemuva kokusebenzela iDolobha iminyaka engamashumi amathathu.

“Bazama ukungikhipha kungafanele, akukho okubi engikwenzile ukuze benze ngale ndlela.

“Okuncane abangakwenza ukungena esivumelwaneni sokuthi banginike imali yami.

“Ngiyenqaba ukusayina lelo khefu futhi abakwazi ukungiphoqa ukuthi ngilisayine ngoba angenzanga cala,” kusho yena.

UMashazi uthe akanazo izinhlelo zokusebenza uma esethathe umhlalaphansi njengoba esekhathele ukusebenza iminyaka engu-10 endaweni enobuthi.

“Bangikhiphela ngaphandle ngoba ngike ngaba nesandla esiqinile ukuze ngivikele iDolobha enkohlakalweni nasekungeneni kosopolitiki abafuna ukuba nomthelela ezinqumweni zamathenda.”

UMashazi ube yimenenja yedolobha ngo-2016 ngaphansi kowayeyiMeya uMzwandile Masina. Lapho kuphela inkontileka yakhe ngo-2022, waphinde waqokwa yimeya yangaleso sikhathi uTania Campbell ukuthi asebenze elinye ihlandla leminyaka emihlanu, nakuba wayeseneminyaka engu-62.

Uthe uCampbell ufake isicelo sokuhoxiswa ukuze akwazi ukusebenza kuze kube ngu-2027, kodwa abakaze bayithole impendulo.

“UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA) usalinde ukuxhumana neDolobha.

“Akuwona umsebenzi wami ukulandelela lolu hlelo, okwami ​​bekuwukuphendula iDolobha.”

UMashazi uthe isikhalo sakhe kuphela kwimeya ekhona ukuthi akangeni ekulethweni kwezidingo.

“Lowo akuwona umsebenzi wami njenge-accounting officer njengoba nginemisebenzi eminingi, i-COO ikhona ukusiza imeya ngezindaba zokulethwa kwezidingo,” kusho yena.

IMeya uXhakaza itshele abezindaba ngoLwesihlanu ukuthi iDolobha ngeke limkhokhele kuze kube u-2027.

“Umthetho uthi uma umuntu esehlanganisa iminyaka engu-65 kumele aye empeshenini noma emkhandlwini ukuze athathe isinqumo sokwelula inkontileka afake isicelo sokuhoxiswa okuyinto thina esingazange siyenze.

“UMkhandlu ususithathile isinqumo futhi umthetho uyaweseka,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: IMeya uNkosindiphile Xhakaza

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva