Imenenja kamasipala ikuchitha njengamampunge ukuthi kusatshiswe abebefake isicelo somsebenzi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Imenenja kamasipala waseNkosi Langalibalele eMtshezi iphika amahlebezi okuthi kunabasebenzi abebesatshiswa ukuthi bangazifaki izicelo zomsebenzi okuthiwa ububekelwe umfelokazi wekhansela le-IFP.

UMnuz Sthembiso Mthembu uthe akulona neze iqiniso okushiwoyo ngesikhundla ebesikhangisiwe sakwa-Auxiliary Services ngoba wonke umuntu ubenikeziwe ithuba lokufaka isicelo.

“Ngikhuluma nawe nje bathathu ababizelwe kwinhlolokhono ngoLwesibili. Ngakho akusilona neze iqiniso ngoba nezinto ebezifuneka bekucacisiwe ukuthi phakathi kwazo kudingeka uMatric bese kuba iziqu zeMfundo ePhakeme. Akekho neze umuntu osatshisiwe kodwa bonke abasebenzi banikeziwe ithuba ngoba isikhangiso bekungesangaphakathi,” kusho uMthembu.

Ukusho lokhu nje abasebenzi benze izinsolo zokuthi uMthembu ubasabisile wafonela omunye wabo wathi akangalokothi afake isicelo kulo msebenzi.

Bathi lo msebenzi wahoxa kodwa omunye uzakwabo wasifaka yena isicelo.

“Kuthe uma lona omunye esesifakile isicelo, wamfonela uMenenja emthethisa, wathi usebone kungcono athumele umngani wakhe ukuba afake isicelo ngoba nakhu yena engasasifakanga,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa nangengozi.

Umthombo udalule ukuthi abantu ababizwe kunhlolokhono kube umfelokazi kaMnuz Mthembeni Majola we-IFP, kwaba omunye wabasebenzi okuthiwa wafaka isicelo ngenkani kwase kuba umsizi kaSomlomo.

Umsindo ngalesi sikhundla kuthiwa uqale ngoLwesihlanu ngesonto eledlule.

Imihlomulo yaso ikhomba ukuthi izoba imali engu-R500 000 ngonyaka.

Izihloko zakamuva