Dylan Bettencourt
Ngemuva kokudutshulwa kwabantu abaningi ezinyangeni ezedlule eMelika, uMengameli uJoe Biden usayine umthethosivivinywa wokulawula izibhamu.
Umthethosivivinywa wokulawula izibhamu ubeka imithetho eqinile kubathengi abaneminyaka engaphansi kwengu-21 futhi ukhuthaza izifundazwe ukuthi zisuse izibhamu kubantu abayingozi.
“Yize lo mthethosivivinywa ungenzi konke engikufunayo, uhlanganisa nezenzo osekunesikhathi eside ngisho ukuthi zizosindisa izimpilo zabantu,” kusho uBiden.
NgoNhlaba, ukudutshulwa amahlandla amibili kulundelana kwabantu abaningi kushaqise umhlaba futhi kuvuselele inkulumompikiswano ngokulawula izibhamu. E-Texas, abafundi abangu-19 nothisha ababili badutshulwe babulawa ngesikhathi owesilisa evulela ngenhlamvu enkulisa. Esontweni elandulela lelo, omunye wesilisa obehlomile obekucatshangwa ukuthi uqonde abantu abamnyama, udubule wabulala abantu abayishumi esitolo e-New York.
UBiden uthe izihlobo zalabo abalahlekelwe yizimpilo zabo ezigamekweni zokudutshulwa zifuna uhulumeni athathe izinyathelo.
“Namuhla sikwenzile lokho,” kusho uBiden.
Izinguquko ezisayinwe zaba ngumthetho zibandakanya ukuhlolwa kwesizinda sabathengi abangaphansi kweminyaka engu-21, u-R247-billion wokuxhasa izinhlelo zezempilo yengqondo, ukuthuthukiswa kwezokuphepha ezikoleni, kanye noxhaso lokuphuca izibhamu labo ababonakala beyingozi.
Okokugcina, noma yimuphi umuntu olahlwe yicala lodlame lwasekhaya ngeke esakwazi ukuba nesibhamu, lokhu kufaka phakathi abashadile nabangashadile.
UBiden ubekhuthaza ukuthi kuvinjelwe zonke izikhali zokuhlasela, noma okungenani kwandiswe iminyaka ezingathengwa ngayo.
Kodwa-ke, imizamo yakhe ayizange iphumelele.
Umthethosivivinywa omusha wokulawula izibhamu ngowokuqala ngqa ukuthi izinguquko mayelana nalokhu zamukelwe yiwo womabili ama-Democrats nama-Republicans.
Iqembu e-Republican sliye laphikisana ngokomlando nokwethulwa kwanoma yimuphi umthetho ongakhuphula imithetho yokulawula izibhamu.
Kulo nyaka nje kuphela, kunabantu abangu-20,900 abashone ngenxa yodlame lwezibhamu eMelika, ngokusho kwe-Gun Violence Archive.
Ngo-2020, ukubulawa kwabantu kulo lonke leliyazwe okuhlobene nezibhamu kwaba u-79%. I-Canada yalandela ngo-37%.
Umthombo wesithombe: @NPR