IMelika nohlelo lokuhushula izisu

Dylan Bettencourt

Udokotela wase-California useqhamuke nombono ozokwenza abantu besifazane bakwazi ukuhushula izisu njengoba kungasavumelekile ukuhushulwa kwezisu eMelika.

UDkt Meg Autry osebenza e-Gulf of Mexico uthe umkhumbi osemanzini e-federal uzobe usesimweni esihle sokuvumela abesifazane abakhulelwe ukuba bahushule izisu.

I-Texas, i-Alabama, i-Mississippi kanye ne-Louisiana bonke basebenzisa umthetho wokuvimbela ukuhushulwa kwezisu ngemuva kwesinqumo seNkantolo Ephakeme sokuchitha inqubo ye-Roe v Wade ngenyanga edlule.

UDkt Autry uthe imboni yezokwelapha kufanele isungule izindlela zokusiza abesifazane abafuna ukuhushula izisu.

“Lokhu kwandisa ingcindezi kubantu besifazane futhi kukhombisa ukungahlonishwa  kwamalungelo abo okuzikhethela. Ngikhulumela abantu abaningi abangakwazi ukuzimela, ”utshele i-Associated Press.

“Kufanele sakhe izisombululo futhi sicabange siphinde sisungule indlela abantu abasezifundeni ezinemingcele abangathola ngayo  ukunakekelwa kwezempilo okubafanele.”

Umtholampilo ozoba semanzini uzoxhaswa ngemali yenhlangano elingenzi nzuzo ehlose ukuvikela amalungelo abantu besifazane.

UDkt Autry uthe lezi ziphakamiso zisekelwa abammeli abakholelwa ukuthi le ndawo izosiza abesifazane bahushule izisu ngendlela ephephile.

“Le ndawo iseduze futhi izosiza abantu abahlala engxenyeni eseningizimu yalezi zifundazwe,” kusho udokotela.

Isinqumo seNkantolo Ephakeme sachitha ilungelo labesifazane elingokomthethosisekelo lokuhushula izisu elalikhona kusukela ngonyaka ka-1973.

UMengameli waseMelika uJoe Biden uthe ngempelasonto ucubungula isimo esiphuthumayo sezempilo yomphakathi ukuze akhulule izinsiza zikahulumeni ukuze kuthuthukiswe indlela yokuhushulwa kwezisu okuphephile.

Cishe u-33% wabesifazane ezweni bayazabalaza ukuthola iphilisi ngomyalelo kadokotela ngokusho kwe-The Times kanye nenkampani ekhiqiza imithi yaseMelika ecele ukuthi bavunyelwe ukudayisa amaphilisi okuvimbela inzalo, yaphinde yathi isicelo sabo asihlobene neNkantolo Ephakeme nebusayo.

Umthombo wesithombe: @UPMatters

Izihloko zakamuva