Dylan Bettencourt
UMengameli waseMelika uJoe Biden usethembise ukunikezela ngomdayisi wezikhali wase-Russia owalahlwa icala inqobo nje uma bezomnika iziboshwa ezimbili okuhlanganisa nesihlabani sabesifazane se-basketball uBrittney Griner.
Omunye oboshiwe uPaul Whelan owaboshwa e-Moscow ngoZibandlela ngo-2018 ngemuva kokulahlwa icala lokuba inhloli yaseMelika futhi wagwetshwa iminyaka engu-16 esejele.
UNobhala Wezwe laseMelika u-Anthony Blinken uthe abaphathi bakaBiden benze isithembiso esikhulu sokuletha iziboshwa ezimbili zaseMelika ekhaya.
I-Moscow kuthiwa nayo iyasithakasela isivumelwano esizokwenza umshushumbisi wezikhali uViktor Bout abuyele ezweni lakubo.
Umdayisi wezikhali obizwa ngokuthi uMerchant of Death udonsa isigwebo seminyaka engu-25 ejele laseMelika.
Ubekwe icala ngemuva kokuzama ukudayisela iqembu labashokobezi e-Colombia izikhali ukuze azisebenzise ngokumelene nabaseMelika.
UBout wathengisa futhi wahambisa izikhali ezimpini eziningi zase-Afrika.
Isihlabani sabesifazane se-basketball uGriner waboshwa e-Russia ngemuva kokutholakala ne-vape cartridges kumthwalo wakhe ekuqaleni kwalo nyaka.
Wavalelwa esitokisini ngoNhlolanja namafutha ensangu atholakala ngesikhathi esendleleni ebuyela eMelika ngemuva kokudlala e-Russia.
Ngemuva kokuqulwa kwecala likaGriner lokutholakala nezidakamizwa ngoLwesithathu uthe wenziwa ukuthi asayine imibhalo futhi akekho omchazelile.”
Lo wesifazane oneminyaka engu-31 wengeze ngokuthi akazange ayithole incazelo ngamalungelo akhe noma athole ummeli amahora ambalwa kulandela ukuboshwa kwakhe.
UGriner uchaze ukuthi wayedalelwe ukusebenzisa uhlelo lwe-elektroniki lomhumushi ukuze axhumane neziphathimandla zase-Russia.
Owawina indondo yegolide kuma-olimpiki wawavuma amacala ezidakamizwa, kodwa wathi akazange aphule umthetho ngamabomu echaza ukuthi wapakisha isikhwama sakhe ephuthuma.
“Angikaqondi kuze kube imanje ukuthi ama-vape cartridges aphelela kanjani ezikhwameni zami,” kusho uGriner etshela i-BBC.
“Lokhu kwangena ngephutha esikhwameni sami ngiyazibophezela, kodwa bengingahlosile ukushushumbisa noma ukuhlela ukushushumbisa noma yini e-Russia.”
Icala lakhe lizoqhubeka ngoNcwaba kanti uzovalelwa esitokisini kuze kube uZibandlela.
Okhulumela i-White House uJohn Kirby uthe lesi siphakamiso senziwe emasontweni ambalwa edlule kodwa wachaza ukuthi i-Russia abakavumelani kahle hle kuze kube imanje.”
IMelika yengeze ngokuthi bobabili uGriner noWhelan baboshwa ngokungafanele e-Russia.
Umthombo wesithombe:@CNN