Imbumbuthela yababhikishi igcwale iMelika

Imbumbuthela yabantu ababebhikishela ubuhlanga kanye nesihluku esenziwa ngamaphoyisa bebegcwele iMelika.

Umsusa kwaba ukubulawa kwendoda eyayingasiphethe isilimazo uGeorge Floyd ngeviki eledlule esifundeni sase-Minnesota.

UFloyd washona ngemuva kokudutshulwa yiphoyisa lomlungu ebelikade limubeke idolo entanyeni limufake ozankosi lapho elokhu eshilo ukuthi akasakhoni ukuphefumula.

Kunokusaba okukhona ukuthi udlame nokushiswa kwezinto kugquqguzelwe kakhulu yilaba abangabalandeli bamengameli uDonald Trump, ababizwa ngokuthi i-boogaloos, abafuna ukukhuthaza impi yobuhlanga.

U-Trump usabise ababhikishi “ngezinja ezinonya kanye nezikhali ezithusayo”.