Lubhalwe nguZukile Majova
Sekukhona izinkomba zokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sihlela ukusebenzisa amandla amakhulu ahambisana nokuduma kwaso.
ISilo esisanda kugcotshwa njengeSillo sesizwe samaZulu sesiqale izinhlelo ezintsha ezizosenza siphathe ubukhosi baso njengeSilo nosihlalo webhodi lenkampani.
Umbiko owalungiswa ngo-2020 ngu-Amin Mia oyisikhulu esiphezulu sezezimali kwi-Ngonyama Trust Board, uveze ukuthi isikhwama sinempahla ebiza u-R25.290 billion kanye nomhlaba ongu-28 000 square kilometers KwaZulu-Natal.
Ngokuhamba kweminyaka abagxeki bobukhosi bakaZulu bazamile ukusebenzisa ukwethenjwa kanye nengcebo ukudala uqhekeko phakathi kweSilo nabantu baso. Ngakho-ke izindaba zeNgonyama zibukeka ziyimfihlo futhi izinsiza zakhona azizange zihlomulise abampofu kulesi sizwe samaZulu esinamandla esinabantu abangu-15 million.
Konke lokhu sekuzoshintsha njengoba iSilo uMisuzulu sethembise ukusebenzisa le mali ukugqugquzela ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, ukulwa nobubha kanye nokuntuleka kwemisebenzi KwaZulu-Natal.
Ngesonto eledlule ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buhlangane nebhodi le-Ngonyama Trust ukusheshisa ukukhishwa kwenqwaba yomhlaba ozothuthukiswa.
Ngesikhathi uNobhala we-ANC uMnu Bheki Mtolo ekhuluma nabezindaba uthe “kuvunyelwene ngokuthi kumele kusheshiswe izinhlelo zomthetho ukuze kuqinisekiswe ukuthi umhlaba ohlonziwe unikezwa omasipala ukuze bathuthukiswe.
“Ingxenye yesivumelwano ukuthi [kucace] izithiyo ekudlulisweni kobunikazi bomhlaba wamahhala kubantu ababehlala emalokishini abantu abamnyama.”
Kwesinye isibonakaliso semizamo yaSilo yokugqugquzela ukudalwa kwamathuba emisebenzi eNyakatho ne-Zululand, iSilo sihole umcimbi wokuphendulwa kwesoyi lemayini entsha yamalahle e-Newcastle.
Kulindeleke ukuthi iSilo sethule inkulumo enkulu engqungqutheleni yokuqala yokutshalwa kwezimali koMbuso kaZulu.
Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili ezobanjelwa eThekwini ihlelwe inkampani edumile i-Heritage Development Trust futhi yenzelwe ukuvula amathuba okutshala imali emhlabeni weSilo.
Ngaphandle kwemisebenzi yaso yokuba ingxenye yebhodi, iSilo uMisuzulu sisebenzisa amandla esinawo ekulweni nodlame nokubulawa kwabantu besifazane.
ISilo simeme wonke amadoda namabutho kaZulu ukuthi bahlangane naso ezinkundleni zemidlalo i-Kingsmead eThekwini ngoMgqibelo ukuze bakhe uhlaka olusha lokulwa nodlame lwasekhaya, ukudlwengulwa kanye nokubulawa kwabesifazane nezingane.
Uma kubhekwa kabanzi kunempi phakathi kwe-ANC ne-IFP yokulawula amandla eSilo okulindeleke ukuthi ishube ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.
Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu
Umthombo wesithombe: @TheCitizen