Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sichaze amahostela aseGoli njengesikhumbuzo esibuhlungu sohlelo lobandlululo olwaluhlukanisa imindeni ngokuvimbela abesifazane ukuthi bavakashele abayeni babo.
Embikweni esiwuthumele esizweni samaZulu mayelana nohambo lwaso lwakamuva lokuya eGoli, iSilo sizwakalise isifiso saso sokubona amahostela eguqulwa eba indawo yokuhlala imindeni ngenhloso yokuvuselela izimilo kubantu.
Ngesikhathi semihlangano nezinduna noNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi, iSilo samaBandla sithole ukuzibophezela kukahulumeni ukuthi aqale ukuthuthukiswa kwamahostela ukuze alungele ukuhlala imindeni.
ISilo samaBandla sigqamise ukuthi phambilini abesifazane abaningi baKwaZulu-Natal babe ngabazali abangabodwana nokuthi imindeni yayihlukene phakathi ngoba abayeni behlala eGoli bengakwazi ukuvakashelwa amakhosikazi abo.
Lesi simo saholela ekutheni kube nenqwaba yezehlukaniso kwashiya izingane zaKwaZulu-Natal zikhula zingenalo uthando nokwesekwa abazali ababili.
Ngaphandle kokuxoxa ngokuthuthukiswa kwamahostela, iSilo siphinde sahlangana noKhomishana waseBrithani u-Antony Phillipson.
Laba baholi ababili baxoxisane ngokuletha abatshalizimali ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal ikakhulukazi kwezolimo nakweminye imikhakha ukuze kuliwe nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi.
ISilo sikholelwa ekutheni ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kubalulekile ekukhuleni komnotho wezwe kanye nowesifundazwe.
Njengengxenye yalolu hlelo lwentuthuko, kulindeleke ukuthi uPhillipson avakashele KwaZulu-Natal kanye nethimba lakhe emcimbini womkhosi woMhlanga esigodlweni saseNyokeni kwaNongoma.
Ohambweni lwakhe lwaseGoli, iSilo samaBandla siphinde sahambela isidlo sakusihlwa sokuqongelela imali ebesihlelwe umpetha wesibhakela waseMelika osewathatha umhlalaphansi uFloyd Mayweather e-Sandton Convention Centre.
Kulo mcimbi bekuhlonishwa izingalabutho zesibhakela zakuleli. Baxoxe ngisho nangomdlalo wesibhakela wokuhlonipha iSilo esesakhothama ongazange ube khona owawuhlelelwe ukuba nyakenye.
Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu
Umthombo wesithombe: Instagram