Celani Sikhakhane
Isinqumo sikaMntwana uSimakade KaZwelithini sokulwela isihlalo sobukhosi bakaZulu sinyakazise indlunkulu futhi senza kube nokungabaza ngokugcotshwa kweSilo uMisuzulu njengoSilo samaZulu.
ISilo uMisuzulu “sishaqekile” ukuthi umfowabo ozalwa ngomunye umama usenqume ukubanga isihlalo sobukhosi ngenxa yokuthi wakhuliswa ngumama kaMisuzulu, uNdlunkulu obeyibamba uMantfombi.
Kuleli sonto, uMntwana uSimakade – oyizibulo leSilo uZwelithini KaBhekuzulu osakhothama kanye nesithandwa sakhe esiphuma emndenini wakwaMthenjane – basabise ngokuthi bazoya enkantolo uma uMengameli uCyril Ramaphosa engakumisi ukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo uMisuzulu.
Okhulumela iSilo uMisuzulu, uMntwana u-Afrika wesigodlo saseNkweni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lesi senzo sikaMntwana uSimakade singaphezu kwenhlamba esizweni samaZulu.
“ISilo uMisuzulu KaZwelithini sishaqekile ngalokhu futhi sikholwa wukuthi lesi senzo sikaMntwana uSimakade siwukuhlasela isizwe samaZulu sonkana,” kusho uMntwana u-Afrika.
“Engasho kanjani ukuthi uyindodana yokuqala kaNdlunkulu obeyibamba uMantfombi ngenxa yokuthi wamkhulisa? Ubengaba yindlalifa efanele yesihlalo sobukhosi ukube uNdlunkulu obeyibamba ongasekho ubengenawo nhlobo amadodana.”
Uqhube wathi uMntwana uSimakade akagxile emabhizinisini akhe nokuthi ahlanganise iNdlunkulu.
UMntwana uSimakade wesekwa udadewabo wesilo esakhothama uNkosazana Thembi Ndlovu, okholwa wukuthi kufanele uMntwana uSimakade athathe isihlalo sobukhosi ngoba wayeyizibulo likamama weSilo uMisuzulu ngokumkhulisa.
Kwividiyo eqoshiwe, uNkosazana Thembi – oseteketiswa ngelikababekazi ongumshokobezi waseNdlunkulu – uthe umama weSilo uMisuzulu waba nguNdlunkulu omdala ngoba ilobolo lakhe lakhokhwa yiSizwe samaZulu.
Uthe ngenxa yaleso sikhundla, iSilo uZwelithini sanquma ukumnika indodana yaso endala uMntwana uSimakade njengendodana yakhe yokutholwa, wamnika nesicelo sokuba nguyena ofanelekile esihlalweni sobukhosi.
UMntwana uMndeni Zulu, naye oweseka uMntwana uSimakade ukuthi athathe isihlalo sobukhosi, uthe ngisho neSilo uZwelithini esakhothama sakhuliswa nguNdlunkulu wokuqala weSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon owayenguNdlunkulu kaMasuku.
Umama weSilo uZwelithini kwakunguThokozile Ndwandwe.
“Abantu abafana noMntwana u-Afrika abazi ukuthi bakhuluma ngani. UMisuzulu akakwazi ukuba yizibulo likaNdlunkulu uMantfombi ngoba umama wakhe wathatha uMntwana uSimakade njengendodana yakhe yokuqala. Ngakho-ke uMntwana uSimakade nguyena okufanele abe indlalifa,” kusho uMntwana uMndeni.
ISilo uMisuzulu saqokwa ngumama waso, uNdlunkulu ongasekho, encwadini yefa lakhe njengeSilo samaZulu esilandelayo.