IMbube inqindwa isiko njengoba ingakwazi ukubona uShenge esibhedlela: umntwana

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sinqindekile yisiko njengoba singakwazi ukuvakashela uNdunankulu kaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi esibhedlela.

Okhulumela iSilo, uMntwana u-Afrika Zulu uthe imithetho yamasiko iyasivimbela Isilo ukuthi sivakashele noma iyiphi indawo okungenzeka ukuthi inabantu abashonile okuhlanganisa nezibhedlela.

“Esibhedlela baningi abantu abashonile. Kungenzeka ukuthi abekho ewodini lapho okwelashwa khona uNdunankulu kaZulu kodwa ngokuvamile kunabantu abashonile ezibhedlela.

“Ngakho-ke, iSilo samaBandla asikwazi ukuya lapho okukhona abantu abashonile. Ngesikhathi kunezikhukhula ezibulale abantu abaningi KwaZulu-Natal, iSilo asikwazanga ukuya khona ukuyovakashela izisulu ngenxa yaleso sizathu,” kusho uMntwana u-Afrika.

Ngenxa yalokhu, iSilo sithembele ekuxhumaneni njalo nomkhulumeli kaButhelezi uLiezl van der Merwe ukuze sithole ulwazi mayelana nesimo sempilo yakhe esibhedlela.

ISilo samaBandla sivinjelwe ukwenza izincingo kanti umkhulumeli waso owenza lokho. Akakwazanga ukushayela uButhelezi ucingo amhlole ukuthi usenjani.

Kuyathakazelisa ukuthi ngaphambi kokuthi ubudlelwano babo bube muncu ngoNhlolanja kulo nyaka ngenxa yokuqokwa kukaSihlalo webhodi leNgonyama Trust, uMisuzulu noButhelezi bebexhumana bodwa ngezinto ezahlukene.

Lokhu kuvinjelwa kwesiko kwenza iSilo uMisuzulu singakwazi ukuziyela mathupha siyohlola impilo kaButhelezi njengoba esalaliswe esibhedlela.

Khonamanjalo, umndeni kaButhelezi ubikele uMengameli uCyril Ramaphosa ngempilo yakhe.

Ihhovisi likaMengameli likuqinisekisile ukuthi uButhelezi uyiswe ewodini labagula kakhulu.

“UMengameli uRamaphosa uxhumane nomndeni wakwaButhelezi omtshele ngesimo sempilo kaMntwana uButhelezi.

“UMengameli ufisele uMntwana ukwelulama okusheshaya wathi imithandazo yakhe esuka enhliziyweni ikuMntwana uButhelezi kanye nomndeni wakhe,” kusho ihhovisi likaMengameli.

Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva