
Celani Sikhakhane
ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini siziqhelelanisile nezinsolo zokuthi ukugcotshwa kwaso esihlalweni sobukhosi bakaZulu kugqugquzelwe ubungani baso nendodana kaMengameli uCyril Ramaphosa, u-Andile.
Indodana yokuqala yeSilo esakhothama uZwelithini, uMntwana uSimakade kaZwelithini ofuna ukuba iSilo samaZulu nobabomncane wakhe uMntwana uMbonisi babheke enkantolo ukuyophonsela inselelo ukubekwa esihlalweni sobukhosi kukaMisuzulu nokumisa ukugcotshwa kwakhe.
Ingxenye yengxabano yabo wukuthi uMengameli uRamaphosa ugqugquzelwe indodana yakhe u-Andile ukuthi akhiphe isitifiketi sokugcotshwa kweSilo uMisuzulu ngoNdasa kulo nyaka.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi kukhona ingxoxo eqoshiwe ebiphakathi kweSilo uMisuzulu no-Andile okungenzeka ikhishwe ngoLwesihlanu.
ISilo uMisuzulu uvuke umbhejazana wathi akanabo ubungani no-Andile kanti empeleni akakaze ahlangane naye.
UMisuzulu kaZwelithini uphendule lezi zinsolo ngokuthumela uMntwana u-Afrika wasoNkweni.
“ISilo uMisuzulu kaZwelithini siyaphika ukuthi sibe nomhlangano noMnu Andile Ramaphosa ngenhloso yokuba nomthelela ekutheni abekwe esihlalweni sobukhosi. Abezindaba basabalalise imibiko engamanga ngomhlangano okuthiwa ubuphakathi kwalaba ababili ongelona iqiniso,” kusho uMntwana u-Afrika.
UMntwana uMbonisi waseKhwezi ulibangise eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala ukuyovimba ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu.
UMntwana uSimakade usefake amaphepha eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng lapho aphonsela khona inselelo uMengameli uRamaphosa yokuthi akubeke eceleni ukugcotshwa kukaMisuzulu njengeSilo samaZulu.
NgoNdasa ezinkundleni zokuxhumana kusabalale ividiyo yeSilo uMisuzulu no-Andile Ramaphosa nabanye abantu abangaziwa e-Kyalami.
UMntwana u-Afrika uthe asikho isidingo sokuthi iSilo sithembele ku-Andile Ramaphosa ukuthi abe nomthelela odabeni olufana nalolu.
Uthe indaba yokugcotshwa iwudaba lwesiko lamaZulu, futhi zonke izindaba nezinqubo ezichazwe lapho zinolwazi oluningi futhi zenziwa ngokwesiko lamaZulu.
Uthe iSilo sikholwa wukuthi kukhona abafuna ukungcolisa igama laso nelikaMengameli.