Imboni yamatekisi iyaziqhelelanisa nombhikisho we-EFF 

Lubhalwe nguZukile Majova no-Everson Luhanga

Iyasichitha isiteleka esihlelwe uJulius Malema imboni yamatekisi. 

I-SA National Taxi Council isikuqinisekisile ukuthi angeke izibandakanye nombhikisho we-EFF kazwelonke ophikisana nokucinywa kukagesi kanye nohulumeni kaMengameli Cyril Ramaphosa.

Imboni yamatekisi ithutha abagibeli cishe abangu-15 million ngosuku. Ukungasebenzi ngokuphelele kuzodla imboni yamatekisi imali engu-R60 billion ngaphezu kuka-R150 million ngosuku.

NgoLwesithathu ebusuku i-Santaco ithe ukuhlangana kwayo nobuholi be-EFF akusho ukuthi bayaweseka umbhikisho.

Phambilini i-Santaco iye yanqaba ukuthatha uhlangothi kwezombusazwe zakuleli.

Ukwenqaba kwe-Santaco izinhlelo ze-EFF kuzobonakala njengokulimaza kakhulu ukuvalwa kwezwe futhi ababhikishi ngeke bakwazi ukuvala imigwaqo emikhulu ngomhlaka-20 kuNdasa.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthe bayazi ukuthi imboni yamatekisi ayiyazi ipolitiki futhi bebengalindele ukuthi ingenele umbhikisho.

Uthe bebefuna ukuhlangana nobuholi obuphezulu be-Santaco ngoba bengafuni kubekhona ukungqubuzana. Umholi we-EFF uthe abafune lutho ku-Santaco.

“Kuzoba nomhlangano ngenhloso yokubazisa ukuthi kuzoba nababhikishi emigwaqeni futhi amatekisi kufanele akucabangele lokho.”

 Inkulumo iqhubeke yathi: “Akumele kube nokuhilizisana okungenasidingo phakathi kwethu nabamatekisi ngoba sisonke.”

Izinhlangano zamatekisi eziningi kuleli ezikhulume ne-Scrolla.Africa ziziqhelelanisile nokuvalwa kwezwekwangoMsombuluko.

Okhulumela i-Greater Alberton Taxi Association, u-Emmanuel Maleka uthe usoseshini kanye namalungu awo ngeke babe yingxenye yokuvalwa kwamatekisi.

“Sizozuzani ngemuva kokuvalwa kwezwe? Sisazoba sebumnyameni ngokucishwa kukagesu.” 

Omunye usoseshini wase-Mpumalanga nawo unombono ofanayo ukhiphe isitatimende sokuthi ngeke ube yingxenye yombhikisho ngoMsombuluko.

Abashayeli bamatekisi abakhulume ne-Scrolla.Africa bathe imboni ilahlekelwe imali eningi ngesikhathi semithetho yokuvalwa kwezwe kubheduka i-Covid-19 kanti amabhizinisi amaningi aphoqeleka ukuthi avale. Bathi ukuvalwa kwezwe kungenye into ephazamisa umnotho.

“Njengezwe kumele sizibandakanye ezihlokweni eziqhubekayo zomnotho hhayi izinto ezizomisa umnotho,” kusho elinye ilungu le-Alexandra Taxi Association elingathandanga ukudalulwa.

Izihloko zakamuva