Everson Luhanga
USibusiso Zwane uthe ukukhishwa kombiko weKhomishini ephenya ngodlame lwamatekisi, kubuyise izinkumbulo zokuthi umzala wakhe uFloyd Ndlovu washona kanjani ngowezi-2015.
UFloyd, obengumnikazi wamatekisi futhi ezibambele mathupha umsebenzi wakhe, ushone ngesichotho sezinhlamvu kanti ababulali bakhe abaziwa nanamuhla. Wadutshulwa wabulawa phambi kukankosikazi nezingane e-Tsutsumani e-Alexandra, enyakatho neGoli.
“Yimboni ephethwe yimigulukudu yezigebengu,” kusho uSibusiso etshela abakwa-Scrolla.Africa.
USibusiso, ophinde abe ngumnikazi wetekisi nomshayeli walo, uthe le mboni icebe kakhulu – futhi iyingozi.
Ukhumbule mhla kushona umzala wakhe. “Ubehamba ngemoto esuka e-Greenstone elibangise ekhaya lakhe e-Tsutsumani e-Alexandra ngesikhathi elandelwa yi-Golf ne-BMW.
“I-BMW ibisanda kwehlisa owesilisa ongushayasbhamu ngaphandle kwendlu kaFloyd yase ipaka ngemuva kwendlu. Ngenkathi umzala wami efika kwakhe, lo shayisbhamu waqala ukumdubula. Waziphindiselele wadubula naye.
“Abantu ababili abebehleli kwi-BMW babona ukuthi kube nokudubulana. Babuya bajoyina uhlelo.
“Indoda ebihleli esihlalweni somgibeli kwi-BMW yakhipha isibhamu esikhulu yadubula uFloyd. Ushone ephethe isibhamu sakhe esandleni,” kusho uSibusiso.
Uthe unkosikazi kaFloyd, obesekhaya nezingane, ukwazile ukuzivalela nezingane ekamelweni elilodwa ngenkathi ubaba wazo eshona ngesichotho sezinhlamvu esangweni elingaphambili.
USibusiso uthe udlame olusembonini lushiye ngemuva izintandane nabafelokazi abaningi abasokolela ukubheka izingane zabo. “Izingane eziningi zishiye phansi isikole noma amanyuvesi.”
UFloyd ushiye ngemuva amatekisi amahlanu angeke asetshenziswe njengoba unkosikazi wakhe engeke akwazi ukungena ebhizinisini. Ibhizinisi liphethwe ngabesilisa futhi kunzima ukuthi abesifazane bangene kulo.
IKhomishini ephenya ngodlame lwamatekisi, ekhiphe umbiko wayo ngoLwesine, yaqokwa nguNdunankulu waseGoli uDavid Makhura ngoMandulo ngowezi-2019.
Kunobufakazi obujulile obutholakele bokuthi ezinye izikhali ezazisetshenziswa ekubulaweni kwakungezamaphoyisa.
Uphenyo luphinde lwakuveza ukuthi abasolwa ababandakanyeka kudlame lwamatekisi lokubulala abavamile ukutholakala.