Dylan Bettencourt
Imboni ye-rooibos yakuleli ikhokhele umphakathi wama-Khoi San imali elinganiselwa ku-R12.2 million njengengxenye yesivumelwano sokwabelana ngenzuzo esasayinwa eminyakeni emithathu edlule.
Le nkokhelo isebenza njengempumelelo eyingqophamlando emphakathini wama-Khoi San osekuphele iminyaka eminingana ulwela ukwaziswa ngobuchule babo emkhiqizweni we-rooibos.
Imboni ye-rooibos yasayina isivumelwano ne-National Khoi San Council ngonyaka ka-2019 esasisho ukuthi umphakathi uzohlomula enzuzweni etholakala ngomkhiqizo we-rooibos.
U-R12.2 million uyisamba sokuqala semali esitholwe umphakathi wama-Khoi San selokhu kwasayinwa isivumelwano.
Ngo-2014 uhulumeni wakuleli wazisa umphakathi wama-Khoi San njengabanikazi bolwazi bendabuka lwesitshalo se-rooibos.
UMartin Bergh ongusihlalo we-South African Rooibos Council (SARC) uthe imali ekhokhwayo ngeyokuqeda ububha, ukuphela kokudla, ukuntula kwentuthuko yezenhlalakahle kanye nokuvikela imvelo ehlukahlukene.
“Njengomhlaba osayine i-Nagoya Protocol elakuleli lidinga ukuthi bonke abahwebi bomdabu yemvelo njenge-rooibos babelane ngezinzuzo nolwazi lwendabuko ngendlela enobulungiswa nelinganayo,” kusho isitatimende se-SARC ngoLwesibili.
Lesi sivumelwano sihlanganisa nokuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokwesekwa kwabalimi bendawo eNtshonalanga Kapa nase-Northen Cape.
I-Rooibos idabuka e-Cape Floral Kingdom kanti ikhiqizwa kuleli kuphela. Ithunyelwa emazweni angu-30 ahlukene.
Imboni iqashe abantu ababalelwa ku-5,000 abakhiqiza isitshalo esanele ukuthi kuphume izinkomishi zetiye ezingu-5.6 billion ngonyaka.
Umthombo wesithombe: @Reuters