Imbongi eneminyaka eyisikhombisa izomela iNingizimu Afrika eMelika

Kabelo Tlhabanelo

Angaba neminyaka eyisikhombisa nje kuphela, kodwa uLethabo Makola wase-Kempton Park ukulungele ukuveza amakhono akhe ezingeni lomhlaba jikelele.

Lo mdansi ophinde amodele wakhethwa ukuba ayomela iNingizimu Afrika ku-International Modelling and Talent Association Convention e-Florida, eMelika kusukela mhlaka-18 kuya mhlaka-22 kuNtulikazi, ngesikhathi somncintiswano we-National Eisteddfod Young Performer Awards Competition.

Lo mfundi webanga lesibili wase-Shangri-La Academy uphume phambili emkhakheni wezinkondlo kanti uzobamba iqhaza ngokumodela ekhangisa izingubo zika nokusho kule ngqungquthela. Uzobe enandisa phambi kwama-ejensi angaphezu kwama-300 nabaphathi bamakhono.

Kodwa kuzobe kungaqali ukuthi uLethabo abe yingxenye ezingeni lomhlaba jikelele.

NgoNdasa, ubencintisana embukisweni wamathalente waphesheya nabantu beminyaka ehlukahlukene, lapho ukusebenza kwakhe kwazuza izinhliziyo zabathile bamazwe omhlaba ababekhona, okubandakanya uRhavynn Drummer weTyler Perry Studios, uBlaze Johnson we-Voice America kanye noNate Butler ophuma ku-Americas Got talent.

ULethabo uthi ubelokhu efuna ukuvakashela eMelika selokhu aqala ukuyibona kumamuvi.

“Ngesikhathi ngithola izindaba zokuthi ngingomunye wabantu abakhethiwe abaya emhlanganweni, ngijabule kakhulu,” kusho yena.

Uqale ukudansa nokumodela nyakenye futhi akakaze abheke emuva kusukela lapho.

ULethabo uthe iphupho lakhe kwakungukumodela aziwe emhlabeni noma abe i-ballerina. 

“Ngiyakuthanda nokulingisa ngoba ngiyakwazi ukuziveza ubumina esiteji,” kusho yena.

Uhlelelwe ukuya eMelika mhla zi-16 kuNtulikazi.

Izihloko zakamuva