Imbokodo kaKhongolose nemizamo yokuhlenga iqembu okhethweni oluzayo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC Women’s League (ANCWL) KwaZulu-Natal iqinisa izinhlaka zayo ukuze ihlenge i-ANC ekulahlekelweni isifundazwe njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.

I-Scrolla.Africa sithole ngemithombo ukuthi abesifazane ku-ANC basesimweni sokwesaba ngenxa yokhetho oluzayo.

“Isimo sibi. Abanye baze bakha ubudlelwano obuqinile nemiphakathi ye-LGBTQIA ukuze bahlenge i-ANC. Abanye abaholi sebeze balekelela i-ANCWL ukuze ibe nezinhlaka eziqinile,” kusho umholi ongathandanga ukudalulwa igama.

“Kucelwe uNgqongqoshe uBongi maSithole Moloi ukuthi avuse i-ANCWL. Kuze kube manje i-ANCWL iwile futhi lokhu kusho inhlekelele enkulu yokuthi i-ANC ihlulwe i-IFP ne-DA KwaZulu-Natal.”

Izifunda ezahlukene zicele uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) uBongi maSithole Moloi ukuthi athathe izintambo njengoSihlalo omusha we-ANCWL esifundazweni.

Lolu phiko lulungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba ngemuva kwengqungquthela kazwelonke ezoba ngomhlaka-14 kuNtulikazi.

UFikile Masiko we-ANCWL utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lolu suku luzomenyezelwa ngokusemthethweni maduze nje.

Omunye umthombo uthe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Nonhlanhla Khoza nguyena ophume phambili ehlula uMaSithole Moloi.

Amanye amagama abo avelayo abangahle bahole i-ANCWL kubalwa owayenguNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko, ezeMidlalo kanye nokuNgcebeleka uHlengiwe Mavimbela noNgqongqoshe wezeMfundo uMbali Frazer.

Esithombeni esingenhla: I-ANCWL yakha kabusha izinhlaka zayo KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva