Imbodla yekati iheha izivakashi ePoland 

Ikati elinombala omnyama nomhlophe igama lalo ngu-Gacek seliphenduke isilwane esikhanga izivakashi ezisezingeni eliphezulu e-Szczecin, e-Poland.

Leli kati elikhuluphele libe into ethandwa kakhulu izivakashi ezivela emhlabeni wonke, lithola isilinganiso esihle kakhulu ku-Google maps futhi libukwe ngaphezu kuka-1,00 ku-Google.

UGacek (7) usehlule ezinye izindawo ezithandwa izivakashi zase-Szczecin ezihlanganisa i-Pomeranian Dukes’ Castle eyakhiwa ngo-1346.

Ngokusho kwesikhungo sezindaba sendawo i-wSzczecinie, uGacek ubelokhu ezulazula futhi uhlala ebhokisini lokhuni elimboziwe ku-Szczecin’s Kaszubska Street iminyaka eminingana. Ubelokhu ezitika ngamaswidi amaningi abantu abadlulayo abalokhu bemfunza wona.

UGacek waqala ukudonsa amehlo ezivakashi zamazwe ngamazwe ngo-2020 ngesikhathi evela ku-YouTube kwidokhumentari ebizwa ngokuthi-“The King of Kaszubska Street.” Leli kati selibukwe kakhulu ku-Facebook naku-YouTube. Futhi njengegama lwalo udumo lwalo lusakhula.

Kuthiwa uGacek ubenohlu lwe-Google Maps olucishe lube ngu-2,600 kodwa lwasuswa ngokusobala ngelinye ikati. Uhlu olusha luhehe ukubukwa okucishe kube ngu-500 kuze kube manje kanye nesilinganiso sokubukwa kakhulu emahoreni alo okuqala angu-48.

Ababuyekezi be-Google bathi bahambe besuka kulo lonke elase-Poland ngisho nakwamanye amazwe bezobona leli kati.

Omunye umbuyekezi ubhale ukuthi banenhlanhla enkulu ngokufika bahlangane nekati “elihloniphekile.”

Esinye isivakashi sathi ngoNcwaba ngo-2021 bagibela indiza besuka e-Oslo, e-Norway bezobona uGacek.

Isivakashi esijabulile siphawule sathi: “Njengoba kwakulindelekile, alizange linginake, okwenza ukuthi ukulibona kube into ejabulisa nakakhulu.”

Kodwa-ke, akuwona wonke umuntu owayethanda isimo sekati sokungabi nandaba. UGacek wantshontsha isoseji, kukhala esinye isivakashi.

Indawo egcina izilwane  inxuse izivakashi ukuthi zingaliphakeli njengoba zikhathazekile ngobukhulu balo nokuyinto engagwenywa izivakashi eziletha ukudla nezibiliboco. Kodwa uGacek  akanankinga nalokho ngoba  unezimpilo eziyisishiyagalombili.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe ngenhla: Ikati elidumile uGacek

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva