Imbibizane kwizikhulu zakwa-IEC izakhamizi zibhikishela ukubhalisela ukuvota

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamuzi zasemijondolo yaseMkhanqwa e-East Rand zivimbe izikhulu ze-IEC ukuthi zibeke unyawo kulendawo ngempelasonto yokubhalisela ukuvota.

Akukho ngisho isibalo esikhulu samaphoyisa esikwaze ukubavimba ukuthi bayeke ukubhikisha, ukuvala umgwaqo omkhulu  ngamathayi avuthayo nangamatshe.

Izikhulu ze-IEC ziphoqelekile ukuthi zimise itende ngaphesheya komgwaqo kodwa akekho noyedwa kwizakhamizi oyile ukuyobhalisa. 

Izakhamuzi bezilokhu zibhikishela ukungalethwa kwezidingo endaweni kanti ngemuva kokuba nomhlangano ngoLwesine ebusuku zishise imoto yekhansela uDesmond Buitendacht zamuphoqa ukuthi abaleke.

Ekhuluma ne-Scroll.Africa usihlalo walo mphakathi uSifiso Skhosana uthe sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni nabaholi baqale ukuthathela phezulu izikhalazo zezakhamizi zaseMkhanqwa.

“Uhlu lwezikhalo luveza izikhalazo zezakhamuzi zokungalethwa kwezidingo kulendawo kanti yahanjiswa kuBuitendacht, ikomidi leMeya yase-Ekurhuleni lezempilo nokuphepha kanye nomxhumanisi wesigceme ngesonto elandulela eledlule.

“Izakhamuzi bezinganqatshelwe ukuthi zibambe iqhaza ekubhaliseni ukuvota, kodwa uSkhosana uthe bame nesinqumo esithathwe ngokuhlanganyela.”

NgoLwesihlanu i-ANC Regional Task Team ikhiphe isitatimende igxeka ukuhlaselwa kwekhansela uBuitendacht.

Umxhumanisi uJongizizwe Dlabathi uthe ukungavumeli i-IEC endaweni kubeka izakhamuzi kusimo esingesihle sokungazibandakanyi ohlelweni lwentando yabantu.

“Izinselelo zokulethwa kwezidingongqangi eziphakamisiwe zithola ukunakwa okufanele, nakuba ezinye zezikhalazo eziveziwe zidinga imvume yomkhandlu futhi zingase zingaqalwa ngokushesha.”

Izakhamuzi noBafaka Msimango baphendulile ngesitatimende se-RTT bathi: “Baphendula ngezikhalazo zethu kuphela ngoba kushiswe imoto yekhansela futhi sibambelele esinqumweni sethu sokungayivumeli i-IEC endaweni.

“Lokhu kukhombisa ukuthi banendaba namavoti kuphela abanandaba nezidingo zethu ikakhulukazi ekuthuthukiseni indawo,” kusho isakhamuzi.

Isithombe esingenhla: Izikhulu ze-IEC zisebenza ngaphansi kwetende.

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva