Imbibizane kwizikhulu ngesenkantolo esivuna ukudalulwa kwamarekhodi ezentela

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Njengamanje maningi amathuba okuthi oMengameli nabaphathi bezikhundla zomphakathi bangabe besakwazi ukufihla amarekhodi abo entela ngemuva kwemithetho eyimfihlo elawulwa uSars.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo yamukele isinqumo senkantolo ephakeme sokuthi i-South African Revenue Service idalule amarekhodi entela kalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma ezintathelini uma kunesizathu.

Le ntuthuko ebalulekile ikhombisa amandla omthetho wokugqugquzelwa kokutholakala kolwazi okuyinto esemqoka ebukhoneni bezindaba ezikhululekile kwintando yeningi yomthethosisekelo.

Inkantolo iyalele abakwa-SARS ukuthi babuyekeze isinqumo sabo sokwenqaba i-Financial Mail kanye nesikhungo se-Bhungane Centre for Investigative Journalism ukufinyelela kumarekhodi entela kaZuma.

Lesi sinqumo esiyingqophamlando siphinde sayalela iphalamende ukuthi lichibiyele umthetho wentela ofanele phakathi neminyaka emibili.

Sekuphele iminyaka kubikwa ukuthi uZuma ubesohlwini lwabaholelwa usomabhizinisi waseThekwini uRoy Moodley ngesikhathi enguMengameli wakuleli.

Ngokomthetho uMengameli osesihlalweni akavunyelwe ukuthi ahole noma yimuphi omunye umholo ngesikhathi esehhovisi.

Encwadini yakhe edayiswa kakhulu i-The President’s Keepers umbhali ophinde abe intatheli ephenyayo uJacques Pauw uthe uZuma wayethola u-R1 million ngenyanga kwi-Royal Security okuyinkampani yalesi sigwili saseThekwini.

UPauw uthe lolu lwazi olatholwa izikhulu zakwa-SARS ngo-2010 likhombisa ukuthi lowo owayenguMengameli wezwe waholelwa uMoodley okungenani izinyanga ezine ngo-2009 onyakeni wakhe wokuqala ehhovisi.

Kuthiwa izikhulu zakwa-SARS ziqale ukusola ngenxa yokuthi le nkampani yehlulekile ukukhokhela uZuma intela ye-Pay As You Earn okukholakala ukuthi ukukhokhelwa kwakhe kubonakale njengamholo.

Ngesikhathi uZuma esanguMengameli uMoodley wawina amathenda anemali kuhulumeni okuhlanganisa nemali engu-R550 million eyakhokhelwa inkampani yezobuchwepheshe eyazuza inkontileka yezigidigidi zamarandi kwa-Passenger Rail Agency.

Izihloko zakamuva