Lubhalwe nguZukile Majova
Ukucinywa kukagesi eNingizimu Afrika kuye kwaba kubi kakhulu ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi u-Eskom ememezela isigaba sesithupha.
Lokhu kusho ukuthi ugesi uzocima amahora angu-12 ngomjikelezo wamahora angu-24.
Kwabahlala emalokishini nasezindaweni zasemakhaya sekuyinto ejwayelekile ukuphila ngaphandle kukagesi izinsuku.
Kusukela kuqale unyaka, ukucishwa kukagesi kwa-Eskom bekulokhu kushintshashintsha phakathi kwesigaba sesibili nesesine.
Amabhizinisi amaningi amancane okuhlanganisa nezindawo zokudlela anezinhlelo ukuze akwazi ukusebenza amahora amabili noma amathathu ngaphandle kukagesi.
Isagaba sesithupha siyinkinga enkulu njengoba sidla umnotho ngaphezu kuka-R1 billion ngosuku.
Ukuwa kwezimboni ezigugayo zakwa-Eskom ezisebenzisa amalahle kwenzeke ngemuva kwamahora ambalwa uMengameli uCyril Ramaphosa eqinisekise isizwe ukuthi ugqamcishi uphelile.
“Ngazo zonke lezi zenzo, siyaqiniseka ukuthi okubi sekungemuva kwethu nokuthi ukuphela kukagqamcishi sekuseduze. Kodwa asizukugcina lapho ukuze siqinisekise ukuthi asiphinde sibhekane nenkinga efanayo,” kusho uRamaphosa ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yeSimo Sezwe ngoLwesine ebusuku.
Ngemuva kwamahora ambalwa, u-Eskom uqalise kabusha isigaba sesithathu sikagqamcishi.
Phakathi kwamabili ngoLwesihlanu, kwaqala isigaba sesithupha.
“Naphezu kokulungiswa kwamayunithi amabili akhiqizayo ukuze asebenze emahoreni angu-24 adlule, amayunithi amabili akhiqizayo nawo awaxhunyiwe.
“Lokhu kuhlangene nesidingo sokugcwaliswa kwamadamu ampontshwayo ukuze kulungiselelwe isonto elizayo, yingakho kudingeke ukuthi kuqalwe ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha kusukela phakathi kwamabili kuze kube kukhishwa esinye isaziso,” kusho inkampani ephehla ugesi esitatimendeni.
U-Eskom uthe “amaqembu abo asebenza ngokuzikhandla ukubuyisela amayunithi okukhiqiza”.
Njengoba sekusele izinyanga ezimbalwa kuyiwe okhethweni, intuthuko yakamuva kulindeleke ukuthi ibuyisele ugqamcishi ezweni.