
Dylan Bettencourt
Isigungu esengamele ibhola lombhoxo e-Afrika sithole ukugxekwa ngokukhetha i-France ukuthi isingathe imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2023.
Abaningi bagxeke lesi sigungu ngokushaya indiva ukukhula nokuthuthuka kwezemidlalo kwizwekazi lase-Afrika.
Kulo Ntulikazi, amaqembu ayisishiyagalombili ase-Afrika azoqhudelana emqhudelwaneni wokuthola indawo eyodwa kwiNdebe Yomhlaba yangonyaka ozayo, nayo ezosingathwa e-France.
Nakuba kungezeka ukuthi isinqumo sithathwe ukuze kungene imali futhi kuzuzwe nezithameli ezintsha, i-Namibia ikhulume ngokuphoxeka kwayo kulandela lesi sinqumo.
“Siyicelile i-Rugby Africa ukuthi ibuyekeze isinqumo sabo,” kusho uMengameli we-Namibia Rugby uCorrie Mensah.
Womabili amazwe i-Kenya ne-Zimbabwe acele ukusingatha lo mqhudelwano kodwa isigungu esibusayo sama ngenkani esinqumweni sayo.
“Inhloso yethu enkulu wukuqhubeka nokukhula, ukuthuthuka nokuthatha indawo yethu efanele esigabeni samazwe ngamazwe,” kusho i-Rugby Africa itshela i-BBC Sport.
“I-Rugby Africa kumele isungule izindlela ezintsha futhi idale namathuba amasha okukhulisa imali yayo futhi isabalale kabusha ebholeni lombhoxo e-Afrika.”
Isinqumo sokuthi i-France isingathe lo mqhudelwano kungenxa yezinkinga zezimali kwizwekazi, kuchaza i-Rugby Africa.
“Lo mqhudelwano wase-France uthathwa njengesisekelo sokuqala sohlelo olusha lokuletha imali oluzosisiza ukuthi sikhule,” kusho yona.
I-Rugby Africa encazelweni yayo yengeze ngokuthi i-Covid-19 ibambe iqhaza kulesi sinqumo, njengoba ukusingatha lo mqhudelwano e-Afrika kungenzeka ukuthi kungabavumeli abalandeli ukuthi babukele imidlalo bukhoma enkundleni.
Kanti-ke e-Europe, izinkundla ezigcwele abantu abaningi zivunyelwe futhi zizovumela isigungu esibusayo ukuthi senze imali eyengeziwe ukusiza amazwe adonsa kanzima kwibhola lombhoxo.
Lo mqhudelwano kulindeleke ukuthi ube phakathi komhlaka-1 kuNtulikazi kuya kumhlaka-10 kuNtulikazi. Kulo mqhudelwano kuzoqhudelana i-Kenya, i-Uganda, i-Namibia, i-Zimbabwe, i-Algeria, i-Burkina Faso, i-Senegal kanye ne-Ivory Coast.
I-Namibia izoba izintandokazi njengoba ihlose ukuthola indawo yesikhombisa yokuhlungela iNdebe yoMhlaba kulandelana kusukela yaqala ukubonakala kulo mqhudelwano ngo-1999.
Umthombo wesithombe: @RugbyWorldCup