Imbibizane kwabaziphilisa ngokuqoqa udoti kuvalwa eyokulahla imfucuza 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Babalelwa ku-4 000 abasebenza ngokuqoqa udoti njengoba kuyibona abalahlekelwe kakhulu ngemuva kokuthi izakhamizi zaKwa-Thema Ekurhuleni zivale indawo yokulahla udoti ngenyanga edlule.

Izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zivale amasango e-Rietfontein Dump Site zanqabela amaloli ukungena kule ndawo.

Bathe bafuna le ndawo yokulahla udoti ivalwe unomphela ngoba bayehluleka ukumelana nephunga elibi eliqhamuka kule ndawo.

Lokhu kushiye abaphila ngokuqoqa udoti abangu-4,000 iningi labo okungamalungu omphakathi bengenawo umthombo wokungenisa imali.

Le ndawo ingenye yezindawo ezinkulu zokulahla udoti Ekurhuleni futhi isebenzela umasipala.

Uma uvakashele kule ndawo inqwaba yemfucumfucu itholakala kuyo yonke indawo evulekile ngaphandle nje komnyango wendawo yokulahla udoti. Abaqoqa udoti abangenamakhaya ababehlala endaweni yokulahla udoti babehlala emijondolo yakule ndawo.

Manje abaqoqa udoti sebeqondisa izimoto ezizimele endaweni yokulahla udoti engekho emthethweni ngaphandle nje kwendawo esisemthethweni yase-Rietfontein.

Oziphilisa ngokuqoqa udoti uGolden Moyo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi useneminyaka engaphezu kwengu-15 ekule ndawo.

“Abantu bemizi eseduze abakhala ngephunga bathole le ndawo yokulahla imfucumfucu inje ngesikhathi befika lapha. Manje sebefuna ukuyivala,” kusho uMoyo.

“Bebefuna ukuthi le ndawo yokulahla udoti ivalwe iphinde ilungiswe kodwa ngesikhathi konke lokhu kwenziwa bashintsha bathi ayivalwe unomphela. Abayicabangeli impilo yabantu abasebenza kule ndawo okumele banakekele imindeni yabo,” esho.

UMoyo uthe ubejwayele ukwenza u-R1,200 ngezinsuku zakhe ezinhle. Kungaleso sikhathi lapho akwazi khona ukwakha umgqomo wakhe kodwa manje ngoba esesebenza endaweni yokulahla udoti engekho emthethweni usuke enenhlahla uma enze u-R50.

“Ngisebenze kule ndawo yokulahla udoti kusukela ngo-2010. Angikwazi ukuthuthela kwezinye izindawo okulahlwa kuzo udoti e-Germiston nakwezinye izindawo ezingomakhelwane ngoba zikude futhi kunzima ukungena kuzo.

“Izindawo zokulahla udoti ziqhutshwa amaqembu ezigebengu akuwona wonke umuntu ongangena aqale ukusebenza. Ungabulawa ushiywe lapho ungaphinde utholakale,” esho.

Ngemuva kokuvakashela le ndawo ilungu lekomiti lemeya elibhekelela imvelo kanye nezinsiza zokulawulwa kwemfucuza u-Eunice Matloga uthembise ukuhlangana nezakhamizi ukuze kutholwe isixazululo.

Esithombeni esingenhla: Abaphila ngokuqoqa udoti baphendukela endaweni okulahlwa kuyo udoti ngokungemthetho 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva