Zukile Majova
Usuku lwesibili lwengqungquthela ye-ANC luphele ngehlazo kuNgqongqoshe wezokuVakasha uNksz Lindiwe Sisulu ohlulekile ukuthola ukwesekwa izithunywa ngo-25% ngesikhathi eqokwa esikhundleni sokuba nguMgcinimafa-Jikelele.
Ezinyangeni ezedlule ubehamba izwe lonke ezishaya isifuba ethi unguMengameli olandelayo wezwe; ubeze ethuke ngisho umphathi wakhe uMengameli uCyril Ramaphosa.
Lokho kuphakama kuphele ngesikhathi amagatsha e-ANC angu-3 900 engamqoki ukuthi angenele lesi sikhundla ngokusemthethweni engqungqutheleni kazwelonke ka-55 eqhubekayo e-Nasrec, eGoli.
Kwiseshini yokusakaza bukhoma; uNgqongqoshe ukwamukele ukuqokelwa ukuthi angenele ukhetho lokuba nguMgcinimafa-jikelele kanye noBejani Chauke ongumeluleki okhethekile kaMengameli; uPule Mabe okhulumela i-ANC kuzwelonke; kanye noMzwandile Masina owayeyiMeya yase-Kurhuleni.
USisulu uvele wasabalala ku-Twitter ngesikhathi ehluleka ukuthola amavoti angu-1 109 adingekayo ukuze angene ezikhundleni eziyisikhombisa eziphezulu ngokusemthethweni. Lokhu kushiye imbokodo idumele.
Okokuqala, baphumelele ukuphusha ingqungquthela ukuthi kuchitshiyelwe umthethosisekelo ukuze kufakwe isekela lesibili likanobhala kubaphathi behhovisi, kwaguqulwa abayisithupha abaphezulu babayisikhombisa.
Ukuwina kwesibili kube ukuqokwa ngempumelelo kwabesifazane abaningi ezikhundleni eziyisikhombisa eziphezulu base bezinika amathuba angcono okuwina lezi zikhundla.
Phambilini uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi uthe bazozama ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane abaqinile abancintisani ngesikhundla esifanayo ukuze bagweme ukuxokozela.
Kulindeleke ukuthi ukuvotela abayisikhombisa abahamba phambili kwi-ANC kuqale ngehora lesishiyagalolunye ekuseni ngeSonto.
Naba abaqokelwe ezikhundleni eziphezulu ze-ANC:
UMengameli: Ophethe uCyril Ramaphosa kanye nowayenguNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize
IPhini likaMengameli: UMgcinimafa we-ANC uPaul Mashatile, uNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane noNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola
USihlalo Kazwelonke: USihlalo kazwelonke ophethe uGwede Mantashe, uNdunankulu wase-Limpopo uStanley Mathabatha kanye nePhini likaNgqongqoshe wezeziMali uDavid Masondo
UNobhala-jikelele: UNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula, owayenguNdunankulu wase-Eastern Cape uPhumulo Masualle kanye nowayenguNobhala waKwaZulu-Natal uMdumiseni Ntuli.
Iphini lokuqala likanobhala:
OwayenguNdunankulu waseGoli uNomvula Mokonyane nelungu le-ANC ePhalamende uTina Joemat-Peterson
IPhini lesibili likanobhala-jikelele: UMdidiyeli kazwelonke we-ANCWL uMaropene Ramokgopa noRonalda Nalumango
UMgcinimafa-jikelele: UBejani Chauke ongumeluleki okhethekile kaMengameli, uPule Mabe okhulumela i-ANC kuzwelonke noMzwandile Masina owayeyiMeya yase-Kurhuleni.