Celani Sikhakhane
UMengameli uCyril Ramaphosa ubongele ubuholi obusha ngesikhathi esukuma evala ingqungquthela yesishiyagalolunye yokukhetha ubuholi besifundazwe KwaZulu-Natal ngeSonto.
Ngemuva kwamahora ambalwa uSihlalo obesanda kukhethwa uSiboniso Duma eqinisekise engxoxweni ukuthi uRamaphosa angeke esakwazi ukuhambela ingqungquthela, ube esetheleka e-Olive Convention Centre eThekwini, wathi engena wahlangatshezwa izingoma ezithi “Wenzeni uZuma” kucula amalungi eqembu elibusayo kwingqungquthela.
UMengameli ube esehalalisela ubuholi obusha beqembu lakhe esifundazweni, kwaqhuma ihlombe esixukwini. Ube esencoma izithunywa ngokuqoka iphini lokuqala lesifazane.
“Ngithanda ukunihalalisela zithunywa zase-KZN ngokuqopha umlando ngokuqoka uNkk Nomagugu Simelane njengephini likasihlalo. Lona ngumlando okumele unconywe,” kusho uRamaphosa ekhuluma namalungi e-ANC abejabule.
Unxuse isifundazwe ukuthi siphume engqungqutheleni siyimbumba ezimisele ukusebenzela abantu base-KZN.
Esanda kuqeda inkulumo yakhe ushiye kulesi sikhungo ephelezelwa ubuholi obusha besifundazwe ngemuva kwempelasonto ebinzima kuMengameli.
Kusukela efika emhlanganweni ngoLwesihlanu ubhekane nesimo esinzima. Bekuculwa izingoma ezeseka owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma ngempelasonto yonke.
NgeSonto lowo owayeyisikhulumi sikazwelonke uCarl Niehaus ube nombhikisho nabalandeli abaseka uMnu Zuma bephethe izingqwembe zokuthi uRamaphosa ehle esikhundleni.
Abaningi bathi uZuma bekumele akhulume engqungqutheleni, kodwa kwavela ukuthi izikhulu zophiko lwezamajele zimvimbele emasontweni ambalwa edlule ukuthi aphume eNkandla.
Enkulumeni yakhe yokuqala uDuma uthe ufuna lo mthetho usulwe ngoba kubukeka kubhekiswe kubantu abathile ku-ANC okuyizitha zikaRamaphosa.
Umthetho uthi amalungu abekwe amacala ngamaphoyisa kumele ehle ezikhundleni zawo eqenjini.
Amanye amalungu ale nhlangano azamile ukunxusa uRamaphosa ukuthi ashenxe esikhundleni ngemuva kwesigameko sokukhwabanisa kwepulazi lezilwane i-Phala Phala.
I-ANC e-KZN ibukeka ibheke engqungqutheleni kaZibandlela ngenhloso yokuvimbela uRamaphosa ukuthi anqobe ihlandla lesibili esikhundleni.
Kodwa akucaci ukuthi bazokweseka bani phakathi kukaNobhala Jikelele osamisiwe u-Ace Magashule nowayenguNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize naye othinteka enkohlakalweni.
Lesi sikhundla sibangwa ngisho uNgqongqoshe uLindiwe Sisulu nowayeyilungu lePhalamende uSizakele Dlamini Dubazane ofuna ukuba nguMengameli we-ANC.
Njengoba ingqungquthela isiphelile akucaci noma uSihle Zikalala uzokwazi yini ukuqhubeka nokuba nguNdunankulu wesifundazwe. Sekuke kwavela ukuthi ngesikhathi uZikalala eqokelwa ukuba nguSihlalo ngo-2016 waphoqa owayenguNdunankulu wangaleso sikhathi uMnu Senzo Mchunu ukuthi ehle esikhundleni.