Imbibizane kuMkhwebane emkhankasweni wokubuyela emsebenzini

Lubhalwe nguLungani Zungu

UMvikeli woMphakathi osamisiwe uBusisiwe Mkhwebane uhlangabezane nembibuzane emkhankasweni wakhe wokubuyela ehhovisi.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi isicelo sakhe solidlulisa ocala sichithiwe iNkantolo eNkulu yase-Western Cape ngoLwesine.

Okwengeza ezinkingeni zakhe, uMkhwebane uyalelwe ukuthi azikhokhele yena izindleko zecala.

UMkhwebane umiswe ngoNhlangulana nguMengameli uCyril Ramaphosa ngezinsolo zokuthi akakufanele ukuba sesikhundleni.

Ube nenhlansi yethemba ngoMandulo ngesikhathi inkantolo inquma ukuthi ukumiswa kwakhe akukho emthethweni. Naphezu kwalokhu akakwazanga ukubuyela ehhovisi lakhe njengoba kusalindwe ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ikuqinisekise lokhu.

I-DA kanye noMengameli uCyril Ramaphosa obekumele  baphendule esicelweni sakhe, basidlulisile isinqumo senkantolo enkulu.

UMkhwebane naye ubhekene nophenyo mayelana nokuthi ukulungele yini ukuphatha lesi sikhundla.

Nalapho uye wabhekana nenkinga ngemuva kokuthi ummeli wakhe uDali Mpofu ehoxise ukuqulwa kwecala ngasekupheleni kwenyanga edlule.

Lokhu kubonakale njengamaqhinga okulibazisa.

Kulolu phenyo umphathi wezomthetho ehhovisi loMvikeli woMphakathi, uCornelius van der Merwe wethulae ubufakazi ngezinkokhelo ezahlukene zemali ezyatholwa abammeli semali efinyelela ku-R17 million.

UVan der Merwe utshele inkantolo ukuthi ihhovisi likaMkhwebane lasebenzisa u-R147m ngezindleko zecala eminyakeni eyisithupha edlule.

Uphenyo luhlehliselwe isonto elizayo ukuze kuphothulwe imibuzo kayofakazi waphambilini.

UMkhwebane waqokwa njengomvikeli womphakathi ngo-2016 kanti bekumele ahlale kuleli hhovisi iminyaka eyisikhombisa ephelaaze aphume ngo-2023.

Osesithombeni ngenhla: Omisiwe uUBusisiwe Mkhwebane osamisiwe emsebenzini 

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva