Celani Sikhakhane
Uhulumeni waKwaZulu-Natali ukhiphe isinqumo sokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini angeke avunyelwe ukusebenzisa izimoto ezathengelwa imbube esikhotheme aze abekwe ngokusemthethweni esihlalweni sobukhosi.
Okhulumela uNdunankulu wesifundazwe, uLennox Mabaso, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uma bevuma ukuthi uMisuzulu asebenzise lezi zimoto lokhu kuzobe kusho ukuthi noma iliphi izinyane lomdala lingafuna ukusebenzisa lezi zimoto.
“Namanje iqhaza likaMisuzulu alikacaci kahle ngenxa yombango wesihlalo sobukhosi oqhubekayo enkantolo. Akakabekwa ngokusemthethweni m nguMengameli,” kusho uMabaso.
Khonamanjalo, i-Toyota Prado eyathengelwa umama kaMisuzulu, iNdlovukazi ebiyibamba bukhosi uShiyiwe Mantfombi ongasekho, isibuyiselwe egaraji.
“Kudingeke ukuthi siyibuyisele imoto emuva ngoba iNdlovukazi ibingasekho futhi bekuzodala izinkinga kuMcwaningi mabhuku jikelele,” kusho uMabaso.
NgoMgqibelo Isilo uMisuzulu sithe akumele kube nokudideka ukuthi ngubani osesihlalweni.
Ekhuluma eNquthu emgubhweni weminyaka engu-143 yempi yaseSandlwana ngesikhathi sempi yamaNgisi namaZulu uthe: “Mina ngiyiNkosi yenu futhi ngizimisele ukusebenzisana nani siqhubekisele lesi sizwe phambili.
“Sekuseduze ukuthi ngigcotshwe. Ezinye izinqubo zikahulumeni zizolandela ngemuva”. usho kanje.
NgoLwesine umalume weSilo uMisuzulu, uMntwana uMbonisi waseKhwezi, ufake amaphepha aphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ezama ukuvimba iSilo uMisuzulu ukuba ethule inkulumo yakhe kulesi sikhumbuzo.
Isicelo sakhe sichithwe kwathiwa akakhokhe nezindleko ngemuva kokuthi inkantolo inqume ukuthi akayena umuntu ofanele ukuvimba uMisuzulu.
Lo mgubho ubuxhaswe ngomasipala abaphethwe i-IFP, owaseNquthu nowaseMzinyathi.