Imbibizane elomnqakiswano lilahlekelwa ngabaxhasi

I-Netball World Cup (NWC) ihlangabezane nembibizane njengoba i-Discovery Group isihoxise i-Vitality njengabaxhasi abakhulu balo mqhudelwano.

Lesi sinqumo esingazelelwe sinomthelela omkhulu kwezezimali ku-NWC, okulindeleke ukuba senzeke eKapa kusukela mhlaka-28 kuNtulikazi kuya kumhlaka-6 kuNcwaba.

I-Discovery isiqinisekisile ukuthi isivumelwano sokusebenzisana sesihoxisiwe. Lo mcimbi usuzobizwa nge-Netball World Cup 2023 esikhundleni se-Vitality Netball World Cup 2023.

Ukuhoxiswa kwe-Vitality njengomxhasi ohola phambili kuzoholela ekushintshweni kwamabhodi, izinto zokukhangisa, ilogo, ngisho nebhola lomdlalo.

Yize imali yoxhaso ingakadalulwa, ukuhoxiswa kwezimali kuthiwa kungenxa yezohwebo futhi akuhlobene nezinsolo zokungaphathwa kahle kwe-Netball South Africa. I-Discovery izwakalise ukuzibophezela kwayo ekwesekeni ibhola lomnqakiswano ngokubambisana kwayo neqembu lesizwe lakuleli.

I-NWC ikhiphe uphawu olusha olucishe lufane nolwe-Vitality futhi lugqamisa ukuqhubeka koxhaso lwabakwa-Spar no-Telkom.

U-Telkom no-Spar sebemenyezelwe njengabalingani abaphambili be-NWC, kanti kulindeleke ukuthi kungene abanye ozakwethu abaphezulu.

Naphezu kokubambezeleka, i-NWC isalokhu inethemba futhi ibheke ngabomvu umqhudelwano oyimpumelelo ngokwesekwa ngabaxhasi bayo nabasakazi.

Lubhalwe ngumbhali we-staff

Esithombeni esingenhla: Uhambo lwesicoco yendebe yomhlaba yebhola lomnqakiswano

Izihloko zakamuva