Imbangi yobukhosi base-Venda iNkosazana uMasindi inobuhlakani

Elmon Tshikhudo

Impi yobukhosi base-Venda ephakathi kukaToni Mphephu nembangi yakhe enkulu iNkosazana uMasindi Mphephu icishe yalahlekisela inkosazana ngemfundo yayo.

Ngaphambi kombango imali yezifundo zakhe nendawo yokuhlala bekukhokhelwa umndeni wasebukhosini.

Waphothula i-diploma yakhe ye-IT ePitoli kanti njengoba kwakuzokwenzeka, kwavele kwaqala impi yobukhosi bama-Venda ebandakanya yena.

Zonke izinkokhelo nokusekelwa kwaphela kungazelelwe.

Njengoba ubudlelwane buba muncu emndenini kuphinde kwakhombisa ukuphela komsebenzi wakhe wezemfundo.

Waxoshwa efulethini lakhe e-Sunnyside futhi akakwazanga ngisho nokuthola imiphumela yakhe yokugcina ye-diploma ku-IT.

Izihlobo ezisondelene kwadingeka ukuthi zimsukumele zimqoqele imali ukuze athole imiphumela yakhe.

Ngaso sonke isikhathi inkosazana yayinephupho lokuthi ngelinye ilanga izoba neziqu.

Usanda kufeza lelo phupho njengoba ethweswe iziqu ze-BA History and Linguistics eNyuvesi yaseNingizimu Afrika.

Mayelana nempumelelo yakhe, inkosazana eneminyaka engama-29 ithe ibona sengathi i-diploma anayo ye-IT ayanele.

“Imfundo ivula iminyango evaliwe futhi iyona kuphela isikhali esingalwa ngaso nobubha nentuthuko emiphakathini yethu.

“Akuzange kube lula kangako, kodwa njengoba ngangizimisele ukukwenza nokufeza amaphupho ami bekumele ukuthi ngisebenze kanzima ngimelane nezingqinamba futhi ekugcineni ngikutholile ebengikufuna” esho.

Ebuzwa ukuthi kungani ekhethe umlando nezilimi uthe njengomholi wendabuko kumele abe nolwazi olubanzi ngomlando nolimi lwabantu, ikakhulukazi abantu base-Venda.

“Akusona isiphetho sohambo lwami lokufunda lolu. Ngisenezinjongo namaphupho aphezulu,” kusho iNkosazana uMasindi.

Enyangeni edlule, iNkantolo yoMthethosisekelo iphuce iNkosi ebibambile yama-Venda wonke amandla futhi ngaleyo ndlela yashiya isizwe sama-Venda singenaNkosi.

Inkantolo ibuyisele udaba emndenini wasebukhosini okumele uhlale phansi unqume ngendlalifa yesihlalo sobukhosi.

Izihloko zakamuva