
Dylan Bettencourt
Imayini i-Zimbaqua e-Zimbabwe ibukeka njengazo zonke ezinye izimayini futhi inemigodi engashoni enabantu abasebenza kanzima ukumba okungaphansi komhlabathi.
Kodwa-ke, imayini i-Zimbaqua ayifani nezinye izimayini zasemhlabeni. Labo abasebenza ngaphansi bayiqembu labesifazane kuphela embonini ephethwe ngabesilisa.
Abasebenzi bakule mayini bathi ibanikeze ithuba lokuthola inkululeko yezimali nokuzimela kubayeni babo.
UShupi Kabudura waba ngumsebenzi wasemayini ngemuva kokushiya umyeni wakhe owayemhlukumeza nezingane zakhe ezintathu.
“Angisamhluphi ubaba wezingane zami ngoba ngiyazikhokhela izingane zami ezimbili ezifunda amabanga aphansi imali yesikole. Ngithenga nezinto ezibalulekile njengezingubo nokudla,” kusho lo wesifazane (33), etshela i-Thomas Reuters Foundation.
UKabudura uphakathi kwabesifazane abangu-25 abaqashwe yimayini i-Zimbaqua okuyimayini yokuqala e-Afrika ukuba neqembu labesifazane kuphela.
Imayini isinikeze abesifazane bakuleli izwe isixazululo, ikakhulukazi labo abahlukunyezwayo njengokudlwengulwa, ukuhlukunyezwa emakhaya noma ukuganiswa ngenkani.
Ucwaningo olwenziwa ngo-2015 lwaveza ukuthi owesifazane oyedwa kwabahlanu e-Zimbabwe wake wahlukunyezwa umyeni wakhe ngonyaka owandulela owocwaningo.
Umphathi wemayini uRumbidzai Gwinji uthe lolu hlelo beluwumzamo wokunikeza abesifazane ukuzimela ngokwezimali.
“Lolu hlelo seluphenduke isixazululo kubantu besifazane abasezimweni ezifana nalezi,” usho kanje.
“Kubanikeze ithuba lokuzikhethela endaweni kanye nempilo abangayifuneli bona kuphela, kodwa nezingane zabo,” kwenezela umphathi.
Imayini i-Zimbaqua yavulwa ngo-2019 yingcwethi yamagugu yase-Denmark eyahlala e-Zimbabwe iminyaka engaphezu kweyishumi.
Abasebenza emayini bamba ukuze bathole amadiphozithi anothile e-aquamarine, igugu eliluhlaza okwesibhakabhaka oluphaphathekile olukhanya ngokuluhlaza elifunwa kakhulu emhlabeni jikelele.
Umvuzo womsebenzi wabo onzima, abesifazane banikezwa iholo lika-$295 (u-R4,200) ngenyanga.
Uma kuqhathaniswa nesilinganiso seholo lezimayini e-Zimbabwe elilinganiselwa ku-$193 (u-R2,800) – abesifazane abasebenza e-Zimbaqua bahola phakathi kwamaholo aphezulu ezimayini zakuleliyazwe.
Umthombo wesithombe: @FaraiShawnMatiashe