Imayini isolwa ngokufuna ukubulala abasebenzi ngendlala

Celani Sikhakhane

Abasebenzi abangu-70 abatelekile emayini yasoKhukho oLundi sekuphele isonto lonke bengavunyelwa ukuthola ukudla namanzi njengoba abaphathi bale mayini bezama ukubaqeda ngendlala.

Ngomhlaka-14 kuMbasa, abasebenzi basemayini abebetelekile bangene emigodini emibili yemayini yamalahle eyaziwa ngokuthi isoKhukho base bevala ukusebenza befuna ukubuyiselwa izinzuzo abathathelwa zona ngomvalelondlini wokuqala ngoMbasa ngo-2020, kulandela ukubheduka kokhuvethe.

Imayini yasoKhukho iqashe abasebenzi abangu-1,350 futhi iyona kuphela imayini ekhiqiza i-anthracite kuleli.

Phakathi kwezimfuno zabasenzi abatelekile kubalwa imali yasemakhaya, isibonelelo samakhono ayimvelakancane kanye namaholo abebewathola ngaphambi kokuvalwa komsebenzi.

I-Scrolla.Africa sibike ngoMsombuluko ukuthi abasebenzi baqale isiteleka sokuduba ukudla ngomhlaka-14 kuNdasa. Kodwa selokhu kuqale isiteleka kuzwakale sengathi emizamweni yokuqeda isiteleka, abaphathi bale mayini baqashe inkampani yonogada ezimele ngomhlaka-19 kuMbasa ukuze ivimbele noma yiziphi izihlobo zabasebenzi ukuthi zibalethele ukudla noma amanzi.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi abasebenzi abanezifo zamahlala khona baphumile emayini, kodwa kusanabasebenzi basemayini abangu-70 abasele emigodini emibili.

Yize bevunyelwe ukuphuma ezimayini, ukuvinjelwa kokutholakala kokudla namanzi sekwenze umbhikisho wabo waba isiteleka sokuduba ukudla.

Ngaphandle kwanoma iyiphi indlela yokuxhumana nabangaphandle, isimo sabo samanje asaziwa, futhi sekuphenduke umjaho ophikisana nesikhathi ukubaphoqa ukuthi baphume ezimayini ngaphambi kokuthi bashone.

UNozipho Langa ungomunye wabasebenzi ababhikisha emasangweni kule mayini abaseka ozakwabo abangaphansi komhlaba. NgoLwesibili utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bancamela ukufa kunokuba baqhubeke nokuxhashazwa yile nkampani.

“Sikhokhelwa u-R6 000 ngenyanga yile nkampani. Lona umholo ongenayo imali yomhlalaphansi, eyosizo lezokwelashwa nezinye izibonelelo zangaphansi komhlaba ebesizithola ngaphambi kwe-Covid-19,” kusho uLanga.

Uthe eminye yemiholo yabasebenzi yehliswa isuka ku-R15 000 yaya ku-R6 000 ngenyanga.

“Abasebenzi abebenezinkinga ezibucayi zempilo banqume ukuhamba njengoba behlulekile ukumela indlala kodwa abanye bafunge bagomela ukuthi bazohlala ngaphansi emgodini bengadlile kuze kube izimfuno zabo ziyafezeka.”

ULanga uqhube wathi akanayo indlela yokwazi ukuthi ozakwabo bayaphila yini noma bashonile.

Abaphathi bale mayini bebevaleleke ezingxoxweni nabamele i-National Union of Mineworkers kusukela ngoMsombuluko ntambama.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi akukho sivumelwano esenziwe, futhi izingxoxo zizoqhubeka namhlanje.

Lokhu kusho ukuthi kulindeleke ukuthi abasebenzi abayisishiyagalombili bachithe usuku lwe-13 emigodini,  bengenakudla namanzi.

Umphathi-jikelele wale nyunyana  uWayne Rowe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngeke akwazi ukuphawula ngoba umhlangano awuzange uphele.

“Empeleni ngeke ngikwazi ukuphawula kakhulu ngoba udaba selusenkantolo futhi silandela yonke imigudu mayelana nalolu daba,” usho kanje.

Izihloko zakamuva