Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Sezibone ithuba lokwakha ibhizinisi izakhamuzi zaKwaThema emayini endala yase-Vlakfontein e-Ekurhuleni.
Abavukuzi abaningi okungabesilisa bamba baphinde baqhekeze amatshe, kanti abesifazane bagcwalisa amasaka amadala ommbila ngobumba ukuze badayisele abantu elokishini.
Izakhamuzi ezingasebenzi zilwa nokuntuleka kwemisebenzi ngokuba ngabavukuzi abancane.
Umvukuzi oyingcweti uGift Radebe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo msebenzi iningi lentsha liwuthatha ngoba lingawutholi umsebenzi kanti iningi labo lifundile futhi linekhono emikhakheni ehlukahlukene.
“Sihlonze izimayini ezine esezavalwa e-Springs kanti imayini yase-Vlakfontein ibonakale iphephile njengoba yonke imigodi ivaliwe, okunciphise ubungozi bezokuphepha njengoba sifinyelela phezulu kuphela.
“Njengoba sesitholile ukuthi umuntu angakwazi ukuziphilisa ngale ndlela, sethemba ukuthi sizoheha uhulumeni ukuthi enze le mboni ibe semthethweni.”
Leli qembu elingaphansi kwe-Mining Affected Communities United in Action (Macua), liqale ukumba igolide, inhlabathi yobumba namatshe kule mayini ngonyaka odlule.
Kusukela lapho lolu hlelo seluhehe intsha eningi engasebenzi.
Amaloli agcwele inqwaba yamatshe angena ephuma emayini.
Bathengisa amatshe kubantu abanamabhizinisi okwakha noma abafisa ukuwasebenziza kwingadi yabo.
URadebe wengeze ngokuthi bacela nohulumeni ukuthi avale yonke imigodi yezimayini engasasebenzi kule ndawo, embiwa abavukuzi abangekho emthethweni.
Ukholwa ukuthi lokho kuzokwenza ukuthi intsha engasebenzi ikwazi ukumba ngokusemthethweni okusele emayini ngendlela ephephile.
USimon Maredi ungumvukuzi onolwazi futhi udlulisela amakhono nolwazi lwakhe entsheni. Usebenze emayini iminyaka eyisishiyagalolunye kwathi uma eshiya lo mkhakha, wanquma ukujoyina abavukuzi basendaweni.
“Kuyangijabulisa ukubona abantu abasha benentshisekelo yokumba izimayini ukuze bathuthukise indlela yabo yokuziphilisa nokunqanda ukuntuleka kwemisebenzi.
“Lokhu kuzoholela ekutheni uhulumeni asinike imvume yokusebenza njengabavukuzi abancane futhi kuzosiza nokuthi sithole amathuluzi okusebenza,” kusho uMaredi.
USihlalo we-National Association for Artisanal Mining, uMike Mbizana ukuqinisekisile ukuthi leli qembu lingaphansi kukasoseshini. Uthe ukumbiwa ngezandla ngeke kuqhathaniswe nomsebenzi ongekho emthethweni wozamazama.
“Abavukuzi bezandla banazo izimvume zokumba ngaphandle futhi konke abakwenzayo kusemthethweni kanti ukuphepha kwabo kubaluleke kakhulu.”
Isithombe esingenhla: Abavukuzi bezandla
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo