Imashi yembokodo ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane

Zukile Majova

Inqwaba yabafundi eNyuvesi yaseWalter Sisulu bajoyinwe ngabesifazane abahlala enhlokodolobha yase-Transkei ngesikhathi begcwele imigwaqo e-Mthatha befuna ubulungiswa ngokubulawa kukaNamhla Mthwa.

UMthwa udutshulwe amahlandla ayisishiyagalolunye esemzini wakhe ngoNdasa ngemuva kokuhlukunyezwa iminyaka eminingi yisoka lakhe uMajor Bhekezulu, usomabhizinisi odumile e-Mthatha.

Isilo sabaThembu, uBuyelekhaya Dalindyebo ukhulume nesixuku, wanxusa abantu bakhe ukuthi balwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ngokuthena abadlwenguli ngaphambi kokuthi babanikele emaphoyiseni.

Ngesonto eledlule udadewabo kaNamhla, uSanga Nozintaba, ukhiphe izingxoxo zaku-WhatsApp nezithombe zikaNamhla enezibazi zokushaywa eminyakeni edlule eshaywa isoka lakhe.

UBhekezulu ukuphikile ukuthi uyathinteka ekubulaweni kwentombi yakhe.

Ukusabalala kwezithombe okucasule umphakathi, yikho okuholele ekutheni kube nemashi njengoba abaningi abayizisulu zokuhlukunyezwa besola amaphoyisa ase-Mthatha ngokuhluleka ukulandela amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Kuze kube manje akekho noyedwa umuntu oboshiwe ngokubulawa kukaNamhla.

Enkulumeni yakhe, iNkosi uDalindyebo uthe “Uma amaphoyisa enza kancane, bulalani wonke umuntu oma endleleni yenu.

“Uma nimbamba, ngicela nimnqume isitho sangasese, nimthene…”

Ucele uBhekezelu ukuthi azinikele emaphoyiseni zingakapheli izinsuku ezintathu kungenjalo umphakathi uzoshisa umuzi wakhe.

“Shisani yonke into ngisho nenkukhu yakhe.”

Isishoshovu sezenhlalakahle uMnu Petros Majola we-Khula Community Project uthe amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane avame ukuphelela emoyeni ngoba izisulu zisula amacala.

“Akulula ukuthi umuntu osebudlelwaneni obuhlukumezayo aphume kubo ngoba akaboni ukuthi ubudlelwano bunobuthi kangakanani.

Ngokuvamile banethemba lokuthi amasoka noma abayeni babo ababahlukumezayo bazoshintsha izindlela zabo ngokuhamba kwesikhathi.

Cishe sekubulawe okungenani abantu abangu-44 e-Mthatha ezinyangeni ezintathu zokuqala kwalo nyaka ngesikhathi kusavulwe amacala angu-62 okudlwengula esiteshini samaphoyisa e-Mthatha.

Izihloko zakamuva