Imashi ehlelwe uMalema ingaba ngumsabalalisi omkhulu wobhubhane

Lungani Zungu

Yize abantu baseNingizimu Afrika abayizi-58,702 bebulewe ukhuvethe kusukela ngoNhlangulana ngonyaka owedlule, umholi we-EFF uJulius Malema uzimisele ngokuqhubeka nemashi yakhe enkulu yokulwela imithamo yemithi yokugoma ngoLwesihlanu.

Utshele abalandeli beqembu lakhe ukuthi bamashele e-South African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA) ukuyofuna imishanguzo.

Ongoti bezempilo baxwayise ngokuthi lokhu kuzoholela ekutheni kube nokutheleleka okwengeziwe ngisho nokufa kwabantu e-Gauteng, njengoba isibalo sabathelelekile siphezulu.

Kodwa-ke kubonakala sengathi isixwayiso siwele ezindlebeni ezingezwa.

USihlalo we-South African Medical Association, uDkt Angelique Coetzee, uthe lokhu kuyingozi.

“Sisesimweni esinzima kakhulu njengoba sikhuluma nje. Lokhu kungikhathaza kakhulu.”

Ochwepheshe nososayensi bathole ukuthi ukuqoqelana kwabantu abaningi endaweni eyodwa kuholela ekutheni ubhubhane lusabalale lusuka komunye umuntu luye komunye.

Uhulumeni, ochwepheshe kanye nosopolitiki ngokufanayo bebelokhu beshumayela ukuqhelelana komphakathi selokhu kwafika ubhubhane kuleli ngonyaka odlule.

Kodwa uMalema, obekhankasa indaba yokuqhelelana komphakathi, useshintshe amazwi akhe manje.

Unxuse abalandeli be-EFF ukuthi bayishaye indiva imigomo yomvalelo bese behambela imashi ngoLwesihlanu.

Izinkulungwane zabantu beqembu lakhe kulindeleke ukuthi zibe kwimashi ngoLwesihlanu, yize kukhona izinsongo zokusabalala kokhuvethe.

UDkt Mary Kawonga uthe lokhu kuyindlela yokudala inhlekelele, njengoba igagasi lesithathu selishaye kakhulu e-Gauteng.

Uthe ukuphakama kwegagasi lesithathu kulindeleke esontweni lokuqala likaNtulikazi.

Emizamweni yokumisa ukwanda kwesibalo sabahaqwa ukhuvethe e-Gauteng, uNgqongqoshe Wezempilo obambile uMmamoloko Kubayi-Ngubane ucele usizo olwengeziwe kuMbutho Wezempilo Wezempi.

“Sicele ukwengezelwa amandla okusiza i-Gauteng ngosizo lwezempi.”

UDavid Makhura, uNdunankulu wase-Gauteng, uthe lesi sifundazwe sizama ngazo zonke izindlela ukunqanda ubhubhane lokhuvuthe olwandayo.

Izihloko zakamuva