IMarumo Gallants yenza kahle kweyeCAF 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Amaphupho eMarumo Gallants okufuna ukugijima kwiNdebe ye-CAF Confederation  angase aqede amazwi athi i-Premier Soccer League (PSL) ayinawo amandla.

Sekuphele amasonto iGallants ihlezi emsileni ku-log ye-PSL, kodwa njengamanje ijabulele ukuqhwakele ngamaphuzu amabili ku-Group A kulo mqhudelwano wezwekazi.

Basonqenqemeni lokufinyelela kumqhudelwano weNdebe ye-Confederation bephuma kwiligi yasekhaya edume nge-farmers league.”

Lokhu kungenxa yeqembu elihlezi likhona iMamelodi Sundowns engapheli ku-PSL futhi elimise kabi amaqembu amaningi.

Kodwa iGallants isibhekane namaqembu ahlonishwayo izwe lonke, okuhlanganisa nokushaya ompetha base-Algeria i-USM Alger ngamagoli amabili eqandeni enkundleni yase-Dobsonville ngoLwesithathu.

“Basihlulile ngesikhathi singekho ekhaya nathi sabahlula ngamagoli amabili eqandeni ekhaya ngakho-ke sesiphezulu manje,” kusho umqeqeshi obambile kwiMarumo Gallants, uRaymond Mdaka.

“Amathuba aba ngcono kakhulu, sekusondele isigaba esilandelayo. Ngiyabahalalisela abafana benze umsebenzi omuhle.”

Ukunqoba emdlalweni wabo olandelayo wezwekazi ekuhambeni neqembu lase-Libya i-Al-Akhdar kuzokwenza iGallants izibekisele indawo kuma-quarter final njengoba kusasele umdlalo.

“Sigudla kancane kancane umdlalo owodwa ngesikhathi sizohamba siyodlala neqembu esizolishaya lapha,” kusho uMdaka.

“Angeke silisebenzise ithuba lokuthi sibashaye ngamagoli amane eqandeni lapha. Sizovele siye lapha silande amaphuzu amathathu bese sibuya .”

Ngaphambi kokuthi iGallants iye e-Libya, kumele ivakashele i-Cape Town City ngoLwesibili oluzayo njengoba izama ukubalekela izembe.

AmaGallants azosonga umkhankaso wawo wamaqoqo weNdebe ye-Confederation ngokwamukela ompetha base-Congo i-Saint Eloi Lupopo mhla zimbili kuMbasa.

Isithombe esingenhla: I-USM Alger ibhekene neMarumo Gallants

Umthombo wesithombe: Marumo Gallants

Izihloko zakamuva