IMarumo Gallants yenza ezibukwayo kwi-CAF

Lubhalwe nguMichael Madyira

IMarumo Gallants idale isiphithiphithi ngokuhlula iqembu lase-Libya, i-Al Akhdar ngo 4-1 emdlalweni wokuvula ka-Group A we-CAF Confederation Cup enkundleni yezemidlalo i-Dobsonville ngeSonto.

IGallants isemsileni kwi-Premier Soccer League kodwa ibibukeka yehlukile ngesikhathi ibhekene ne-Al Akhdar ezigabisa ngabadlali base-Libya eqenjini layo.

URanga Chivaviro ushaye igoli ngesikhathi uLesiba Nku kanye nowayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uJoseph Malongoane beshaya amanye amagoli abo amabili.

Kube isimanga ngesikhathi iGallants ivulela ngenduku kuleli qembu lase-Libya.

“Besidlala kahle kakhulu kwi-Premiership yakuleli ngaphandle kokuzuza imiphumela,” kusho uRaymond Mdaka ekhuluma ne-AFP.

“Siqhuba kahle e-Afrika yize kunzima ukudlala khona ngoba sinolwazi oluncane ngezimbangi zethu. Iziqeshana zevidiyo ezimbalwa kuphela ebesinazo ze-Akhdar.

“Ukuwina ngamagoli amathathu kuhle kakhulu, kodwa umkhawulo wokuwina ubungaba banzi njengoba sigeje amathuba okushaya amagoli ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.”

Selokhu kuqale umqhudelwano wabo we-Confederation Cup, i-Gallants ibeyiqembu elihluke ngokuphelele kwizwekazi njengoba iyiqembu elidonsa kanzima ekhaya.

Ukuze bafinyelele esigabeni samaqoqo bahlule i-Elgeco Plus yase-Madagascar kanye nelinye iqembu lase-Libya, i-Al Ahli Tripoli.

Akukhona okokuqala bebamba iqhaza emqhudelwaneni wamaqembu we-CAF 

wesigaba sesibili ngemuva kokuba emqhudelwaneni ofanayo ngesizini edlule.

Kodwa-ke, bahlulekile ukufinyelela esigabeni samaqoqo ngemuva kokukhipha i-Futuro Kings yase-Equatorial Guinea neziqhwaga zase-Congo kanye nabakhankasi bezwekazi i-AS Vita.

Iqembu elidlala kahle lase-Afrika, i-TP Mazembe iphinde yawina ngo 1-0 uma sekuhlanganiswe yonke imidlalo.

NgeSonto iGallants izobuyela e-Democratic Republic of Congo, kodwa kulokhu izobe ivakashele i-Saint Eloi Lupopo lapho okuyobangwa khona indawo yesibili ku-Group A.

Ukusuka lapho izobhekisa amabombo e-North Afrika lapho ezotholana phezulu neqembu lase-Algeria i-USM Alger.

Izobuyela emsebenzini we-PSL mhla zizine kuNdasa lapho ezobhekana khona neTS Galaxy futhi inethemba lokuthi ifomu yabo yasekhaya izoba ngcono.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beMarumo Gallants 

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva