IMaritzburg iqinisekisa uMiddendorp njengomqeqeshi omusha

Sphiwe Masilela

Middendorp useqinisekisiwe njengomqeqeshi omusha weMaritzburg United.

Iqembu likhombe indlela uEric Tinkler ngoMsombuluko ekuseni kulandela imiphumela eminingi engemihle.

Sekungokwesithathu uMiddendorp ebuyela eqenjini elizinze eMaritzburg, njengoba kade ephethe izintambo izikhathi ezimbili ezedlule.

Lo Mjalimane ucishe waholela iKaizer Chiefs esicongweni seligi kodwa wehluleka ukujaha isicoco esigcine sithathwe iMamelodi Sundowns abangompetha.

Ku-akhawunti yabo ye-Twitter, iUnited ithe: “Siyakwamukela ekhaya. UErnst Middendorp ubuyile kwi-Team of Choice”.

Lo mqeqeshi odabuka eJalimane usenikwe umsebenzi wokufaka iUnited esicongweni se-DStv Premier League.

Inkinga yakhe yokuqala ubhekene neSupersport United esefomini eHarry Gwala kusasa (ngoLwesihlanu) ebusuku.

Amahlebezi kaMiddendorp okubuyela kwakhe kule kilabhu afike kwezwakala ngesikhathi ecela ukukhululwa kwinkontileka yakhe yeminyaka emithathu nezinkakha ezinkulu zase-Ethiopia iSaint George Sports Club.

Ngemuva kwemidlalo emine yeligi, iMaritzburg ibhajwe ezansi kwe-log ngaphandle kwephuzu.

I-Team of Choice manje isidlale imidlalo engu-11 ngaphandle kokunqoba okubuyela kwiligi ye-bio-bubble ebibanjelwe ukuqedela umkhankaso wezi-2019/2020.

Picture source @MaritzburgUtd