Kabelo Tlhabanelo
Imantshi mbumbulu yakhipha isikweletu esingaphezu kwemali eyizi-R30,000 endlini yezivakashi, yathembisa ukuthi uMnyango wezoBulungiswa uzokhokha.
Kodwa kwavela ukuthi kwakungamanga kwathi ngoLwesihlanu, le ndoda eyigebengu yaphelelwa yizinhlanhla – futhi ibhekene neminyaka eyisishiyagalombili ejele.
Ayengakwazi u-Elsabe Risseeuw wase-Imperani Guesthouse ukuthi lo muntu owazethula njengemantshi uThato Mofokeng wase-Welkom, e-Free State, wayesevele eshushiswe emacaleni ayi-17 edlule!
URisseeuw uthe lo mlisa wafika endlini yabo yezivakashi e-Ficksburg mhla zingama-21 kuNcwaba wabe esehamba engasikhokhile isikweletu sakhe semali eyizi-R31,390.
Wayezethule njengemantshi esanda kuqokwa kule ndawo futhi wazibiza ngoDaniel Sebiloane.
“Usishaye ngesikhathi somvalelo we-Covid-19 ngesikhathi sisokola ukuthola amakhasimende, ngakho-ke besijabulele ibhizinisi,” kusho uRisseeuw.
UMofokeng ubhuke ubusuku obuyi-11. Mhlaka zingama-23 kuNcwaba wacela indlu yezivakashi ukuthi ihlinzeke indawo yokuhlala nesidlo sasekuseni kubangani bakhe ababili okwengeza isikweletu saba yimali eyizi-R1,880.
Mhla zingama-28 kuNcwaba, imantshi mbumbulu yacela ukuthi indlu yezivakashi inikeze indawo, utshwala nezinye izinto ngoba izokwenzela umngani wayo omunye iphathi yokuvalelisa.
Ngemuva kwalokho wanyamalala engakhokhe ngisho isenti.
URisseeuw utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Ubengabukeki esolisa futhi nemininingwane asinike yona ibibukeka iyiqiniso. Kodwa ngeke aphinde alimaze muntu.”
Okhulumela i-NPA e-Free State uPhaladi Shuping uthe uMofokeng uphinde wavakashela i-Frontier Hotel e-Bethlehem nentombi yakhe mhla ziyi-16 kuMfumfu wathi ungusopolitiki ovelele waseLuthuli House kanti i-ANC izoyikhokha imali.
Kodwa wakhokhela ubusuku obubodwa, wabe esehamba engasikhokhile isikweletu semali eyizi-R9,239.
Phambilini uMofokeng usidonsile isigwebo sokulahlwa ngamacala akhe ayi-17.
Wayengenawo amacala angawahlawulelanga ngesikhathi egwetshwa ngoLwesihlanu.