IMantshi inqabele abasolwa abane ibheyili kwelikaBester

Lubhalwe i-GroundUp

Abane ababengabasebenzi basejele abasolwa ngokusiza uThabo Bester ukweqa ejele banqatshelwe ibheyili ngoMsombuluko.

Umsebenzi wesihlanu uNastassja Jansen unikezwe ibheyili ka-R10 000. Icala elibhekene nabasolwa lizoqala ukuqulwa ngomhlaka-20 kuNhlangulana.

Kukhishwe isinqumo ngoMsombuluko ngesikhathi kulalelwa ibheyili yabasolwa abahlanu kwabayisishiyagalombili ecaleni likaThabo Bester. Onogada basejele uSenohe Matsoara, uMotenyani Masukela, uTieho Makhotsa kanye nochwepheshe wamakhamera e-CCTV uTeboho Lipholo banqatshelwe ibheyili. Owayesebenza ejele uNastassja Jansen unikezwe ibheyili ka-R10 000.

UMatsoara, uMasukela, uMakhotsa kanye noLipholo babhekene namacala ka-Schedule 5 enkohlakalo nokusiza isiboshwa ukweqa ejele phakathi kwamanye amacala. 

Amacala kaJansen ahlukaniswa njengohlelo lokuqala. Imantshi ichaze ukuthi ngokwamacala ohlelo lwesihlanu,umthwalo uphezu komfakisicelo webheyili ukuthi anikeze ubufakazi bokuthi kufanele akhululwe ngebheyili. Ngamacala ohlelo lokuqala umthwalo ukuhulumeni ukufakazela ukuthi umfakisicelo akufanele akhululwe ngebheyili.

UKhabisi uthole ukuthi uMatsoara, uMakhotsa, uMasukela kanye noLipholo abazange banikeze ubufakazi obanele ukwanelisa inkantolo ukuthi ngeke baphazamise ofakazi bombuso.

Kodwa uKhabisi uthe icala lombuso elibhekene noJansen “lishubile” futhi umbuso awuzange uveze ngaphandle kokungabaza ukuthi ubulungiswa ngeke bufezeke uma enikwa ibheyili. UJansen unikezwe ibheyili ka-R10 000 futhi kufanele ayobika esiteshini samaphoyisa sendawo njalo ngoLwesihlanu. Akavunyelwe ukuthintana nofakazi bombuso noma amaphoyisa aphenyayo.

Ngokusho kukafakazi wombuso ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili umphenyi wecala uTieho Flyman kanye nabasolwa bonke baba nesandla ekusizeni uBester ekutheni eqe ejele.

UMatsoara wayeyinduna emsebenzini ejele lapho uBester ayeboshwe khona. Usolwa ngokungenisa isidumbu esitokisini, ukushisa kanye nokusiza uBester ukuthi eqe ejele. Ubhekene namacala angu-13.

ULipholo onguchwepheshe wamakhamera e-CCTV usolwa ngokunqamula ugesi kumakhamera e-CCTV ngobusuku bomlilo wase efaka isikhwama esinesidumbu  emgqonyeni onamasondo wasifaka ejele. Ubhekene namacala ayishumi okubalwa kuwo elokukhwabanisa nelokushisa.

UMasukela osolwa ngokudedela imoto eyayithwele isidumbu sikamufi ukuthi ingene ejele ubhekene namacala amahlanu. UMakhotsa noJansen bobabili bebese-central control room ngobusuku besigameko futhi basolwa ngokuvulela uBester iminyango.

UZolile Sekeleni onguyise kaNandipha Magudumana ungaphandle ngebheyili. Usolwa ngokuqasha imoto eyafaka isidumbu ejele. UNandipha Magudumana noThabo Bester basagqunywe esitokisini njengoba sebezihoxisile izicelo zabo zebheyili.

Icala elibhekene nabasolwa lizoqala ukuqulwa ngomhlaka-20 kuNhlangulana.

Esithombeni esingenhla: UThabo Bester

Umthombo wesithombe: GroundUp

Izihloko zakamuva