IMan United isizogxila ekuwineni indebe yasekhaya

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Ngesikhathi i-Arsenal ikhishwa ngendlela emangalisayo kumqhudelwano we-Uefa Europa League ngoNdasa, i-Manchester United iphenduke izethenjwa ezingase ziphakamise isicoco.

Kodwa kube nokudumala okukhulu ekhempini ye-United kulandela ukuphuma kwabo emqhudelwaneni.

Ngisho noma bebhekene ne-Sevilla, eyaziwa ngokuthi amakhosi e-Europa League, ukuzethemba kwabo akukaze kushintshe.

I-United ibukeke ilawula ngesikhathi ihola ngamagoli amabili eqandeni emlenzeni wokuqala, kodwa yiwona kuphela amagoli abebezowashaya kule midlalo emibili, iqembu le-Sevilla liqhubekile nokushaya amahlanu.

Konke kubhede e-Spain ngesikhathi uHarry Maguire noDavid de Gea benza amaphutha enze ukuthi i-United iphuke kumqhudelwano.

Ngemuva kokuphuma kukaSir Alex Ferguson kuyo yonke leyo minyaka edlule, i-United ibibhekene nobunzima bokuthola izindebe futhi yize ikhombise izimpawu zokuthuthuka lokho akusho lutho ngaphandle komvuzo.

Ukuletha umphathi u-Erik ten Hag kuze kube manje kubonakale kuyisinyathelo esifanele ukunqoba lezo zindebe futhi umphathi wase-Netherlands ukhombisile ukuzimisela kwakhe ngokuwina i-Carabao Cup ekuqaleni konyaka.

Kodwa-ke, uTen Hag nabadlali bakhe bebezofisa ukuwina i-Europa League njengesitatimende sangempela.

Ama-Red Devils, nokho asengakhazimula kowamanqamu weNdebe ye-FA, okungaba umklomelo olinganayo uma bebhekana nomakhelwane i-Manchester City.

Ukunqoba iNdebe yasekhaya kungadambisa izinhlungu zokuhlulwa e-Europe, kodwa ukwehlulwa kulo mdlalo kuzoba iphilisi elinzima ukuligwinya.

I-United iqinisekise ukuthi izoqeda isendaweni yesine ku-Premier League futhi izodlala ku-Uefa Champions League ngesizini ezayo.

Noma ngabe imiphi imiphumela kusukela manje, bathathe isinyathelo esikhulu nendlela efanele kodwa badinga ukuhlala endleleni uma bezobuyela ekubeni iqembu elikhazimulayo njengaphambilini.

UTen Hag kuthiwa useqalile ukuhlelela isizini ezayo ukuze aqhudelane kangcono nabadlali abafana ne-City ne-Arsenal ukuze banqobe isicoco seligi.

Kungenzeka ukuthi abakanqobi konke abebekuthembile, kodwa i-United iyizimbangi eziqinile zokuthi izoba phezulu kukho konke esikhathini esizayo uma inamathela kuTen Hag nohlelo lwakhe.

Isithombe esingenhla: I-Manchester United igubha ukungena kowamanqamu weNdebe ye-FA

Umthombo wesithombe: I-Man United

Izihloko zakamuva